Umhlaziyi uthi iPirates ‘ibhenefithile’ ishaya iDowns
– Sibongiseni Gumbi
UVictor Hlungwani, umhlaziyi weSABC Sport, uthi kunezinqumo eziyivune kungafanele i-Orlando Pirates emdallweni wangoMgqibelo odlule.
I-Pirates ishaye iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium ukuze ivikele lesi sicoco sayo.
Kunezinqumo ezishiye umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena engenelisekile ngazo.
Esinye sazo yiphenathi ebekelwe iPirates nokuyiyo uPatrick Maswanganyi atholela eziMnyama igoli lokulinganisa kade sezilandela ngemuva.
Manje umhlaziyi wezinqumo zonompempe ohlelweni lweSABC Sport kumabonakude, iSoccerZone, uthi kukhona la unompempe uSkhumbuzo Gasa axhopheke khona.
Uvumelane noMokwena ekutheni bekungamele ibekwe le phenathi ejike izinto zavuna iPirates emdlalweni.
“Uma abadlali befuna ibhola emoyeni bese beshayisana akukho okubi,” kusho uHlungwani ngoMsombuluko ebusuku.
“UMaswanganyi… ibhola belisemoyeni, engekho oliphethe, (uMaswanganyi) wasondela ku-Aubrey Modiba, bashayisana.
“Uma uthi kukhona ukuphusha, kukuphi la? Ukubamba kuphi ngoba ukubamba kumele kube nomthelela…
“Ngakho-ke akukho ukusunduza noma ukubamba. Lokhu kufanele kube ukubangisana ngebhola okuvammile.
“Ngeshwa unompempe yena ubone kuyiphenathi kodwa beyingafanele,” kuchaza umhlaziyi weSABC Sport.
Uphinde wacacisa nephenathi ebibekelwe iSundowns ngasekuqaleni komdlalo, wathi beyifanele ngoba uDeon Hotto umdlalise kabi uKhuliso Mudau.
Nokho le phenathi ayizange iyisebenze iSundowns njengoba ithathwe uLucas Ribeiro, kodwa wayivimba uSipho Chaine.
Okunye okususe izinkulumo wukuthi kuke kwanokudideka abasakazi bethi kunekhadi elithole uChaine ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.
OLUNYE UDABA: Ufunwa phesheya umdlali ‘obaluleke kakhulu’ kwiDowns
Nokho uHlungwani ukucacisile ukuthi leli khadi lokuqala belinikwe uThabiso Lebitso hhayi uChaine ozitholele elakhe naye ngasekupheleni komdlalo.