Ukhonjwa kwelinye lePremiership ‘uMafavuke’ owuMiddendorp
– Alfred Ngubane
Akukapheli nesonto exoshiwe kwiCape Town Spurs, kodwa u-Ernst Middendorp usesezingxoxweni nelinye iqembu elidlala kwiDStv Premiership.
UMazinyo, okuyigama aziwa ngalo u-Ernst Middendorp kubalandeli bakuleli ukhululwe yiSpurs ngoMsombuluko.
Lokhu bekulandela ukuthi leli qembu linqume ukungaqhubeki naye njengoba selliyodlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Ubelandelwe ukuthi azosiza ukuvika izembe, kodw ayize kuke kwabukeka sengathi angakwenza lokho, kugcine kumbhedele.
Manje iLisenethini incinzwe abasondelene nemenenja yakhe ukuthi izingxoxo phakathi kwayo (imenenja) neSekhukhune ngalo mqeqeshi sezisezingeni eliphezulu.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi zikhona izinxoxo ezikhona phakathi kwemenja yakhe uSiboniso Ngubane nabaphathi beSekhukhune United,” kusho lo mthombo.
ISekhukhune ifuna umqeqeshi nje kungoba imise uLehlohonolo Seema ngezinsolo zokungaziphathi kahle nokuxabana nomdlali nosihlalo weqembu.
Leli qembu laseLimpopo belenza kahle kakhulu ngaphansi kukaSeema ngaphambi kokuthi amiswe.
Ebuzwa ngalezi zindaba zokuxoxisana neSekhukhune ngoMiddendorp, uSiboniso Ngubane ungene ezintangeni.
“Engingakuqinisekisa mina wukuthi sithathe isinqumo sokunqamula inkontileka yakhe neCape Town Spurs ngoba ikhala ngokuthi ayinayo imali yokuqhubeka nomqeqeshi kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo,” kusho uNgubane.
OLUNYE UDABA: Okwenza uSpencer angayizwa ekaManqoba Mngqithi kwiChiefs
U-Ernst Middendorp ungumqeqeshi onamava kakhulu ebholeni lakuleli futhi usesebenze emaqenjini amaningi ehlukene.