Ezintsha

UGaston Sirino wachomela ‘iChina ngekarati’ 

Usephenduke inhlanzi eshelwa amanzi kwiMamelodi Sundowns uGaston Sirino oke wazenza into enkulu echomela leli qembu.

Yize imigilingwane yakhe ayigila eminyakeni emibili edlule, kodwa kubukeka leli qembu – ikakhulukazi abaqeqeshi – bengakamxoleli ngokugcwele. 

Phela uGaston Sirino wazama ukuphoqa iSundowns ukuthi imdayisele i-Al Ahly ngesikhathi iqeqeshwa uPitso Mosimane. 

Wayeze ashuthe izithombe egxoke ijezi le-Al Ahly bebe beqeda ukuhlulwa yileli qembu emidlalweni ebalulekile yeCaf Champions League. 

Ekhuluma noRobert Marawa muva nje, umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena waveza ukuthi uGaston Sirino akadlali ngoba engazinikeli ngokugcwele ejimini. 

Kodwa manje iLisenethini seyihoshe umoya wokuthi usajeziselwa ukuthi wazama ‘ukuchomela iChina ngekarati’.

“Phela lento ayenza iyafana nokuchomela iChina ngokuthi kuneminyakazo embalwa yekarati osuyazi.

“Into elizokushaya lona uma sekufike isikhathi, iyokufundisa ukuthi ngelinye ilanga uzithobe, uyeke ukuphapha.

“Ukuzama kwakhe ukuphoqa ukuthi adedelwe ngalesiya sikhathi kwayivula amehlo iSundowns, yabona ukuthi akumele kube nomdlali owaziyo ukuthi yena ubaluleke ukudlula abanye eqenjini futhi engenza noma kanjani.

“Ngemuva kwalesi sigameko sakhe sokufuna ukukhululwa, iSundowns ivele yalanda inqwaba yabadlali abasezingeni lakhe abadlala indawo efanayo.

“Manje umncintiswano wezindawo sewuphezulu kakhulu, yena useyahluleka wukumelana nawo.” 

UGaston Sirino, oneminyaka engu-33, ujoyine iSundowns esuka kwiBolivar yaseBolivia ngo-2018.

Usenqobe izicoco ezingu-10 kusukela lapho – okungeziyisithupha zeDStv Premiership, esisodwa seMTN8, eseNedbank Cup, neseCaf African Football League. 

Inkontileka yakhe kwiSundowns izophela uma kusongwa isizini ezayo, ngoNhlangulana ka-2025.