Ezintsha

Ufunwa phesheya umdlali ‘obaluleke kakhulu’ kwiDowns

Kubukeka uRulani Mokwena ezolahlekelwa umdlali oyisethenjwa sakhe esikhulu njengoba kuvela ukuthi ufunwa amaqembu amathathu phesheya.

URulani Mokwena ukubeke kwacaca ngempelasonto ukuthi umdlali wakhe, uKhuliso Mudau ungumdlali ‘amdingayo’ eqenjini lakhe.

Lokhu ukusho ngemuva kokumdlalisa yize kade eselimele ehlombe, esehamba ekekela njengenkalankala emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup. 

“Besimdinga. Besimdinga impela nje,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ngemuva komdlalo. 

“Engiqonde ukukusho wukuthi ungumdlali obaluleke kakhulu, (futhi) ubedlala kahle kakhulu. Umjiko wakhe yiwo ositholele iphenathi.

“Ngakho besimdinga. Futhi ngimbuzile ngesikhathi sekhefu ukuthi ngabe ubona esazokwazi yini ukuqhubeka wathi engakwazi. Besimdinga.” 

Nokho ezakamuva zithu uKhuliso Mudau, oneminyaka engu-29, usehehe iqembu elidlala kwiLeague 1 eFrance, iRC Lens.

Kuthiwa leli qembu selinesikhathi limlandela lo mdlali futhi lichazeke kakhulu ngendlela adlale ngayo kwiBafana Bafana ngesikhathi se-Africa Cup of Nations. 

Ngaphezu kwalezi zinkunzi zaseFrance, neBurnley FC yase-England esanda kudliwa yizembe kwi-English Premiership kade imhalela.

Akwaziwa ke noma isazoqhubeka yini nokufuna lo mdlali njengoba seyizodlala esigabeni sokuqala futhi nemali eyitholayo izokwehla.

Ngaphezu kwalokho, umqeqeshi obemfuna, uVincent Kompany akasekho kuleli qembu njengoba eseqashwe izinkunzi zaseGermany, iBayern Munich. 

Iqembu lesithathu eligaqele uMudau yiGenk yaseBelgium, edlala kwiBelgian Pro League, neqede endaweni yesihlanu kule sizini. 

Inkontileka kaMudau kwiSundowns izophela ngoNhlangulana  ka-2026, kanti iqembu elimfunayo kuzomele likhokhe kwiDowns.

UMudau uzophinde athole ithuba lokukhombisa izinhloli zalamaqembu amfunayo ukuthi uyinkunzi yohlobo emidlalweni elandelayo yeBafana.

Kumanje usekhempini naleli qembu njengoba lilungiselela ukudlala neNigeria neZimbabwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.