U-Allende yivila elidala, kusho uThalente Mbatha wePirates
– Sibongiseni Gumbi
UThalente Mbatha – oqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto – useveze okwenze azibusele esiswini kulo mdlalo.
Lo mdlali we-Orlando Pirates oneminyaka engu-24 ubengabezwa nokuthi bayini oTeboho Mokoena, Bathusi Aubass noMarcelo Allende beMamelodi Sundowns.
Nguye obelawula isisu ebambisene noMakhehleni Makhaula esiwombeni sokuqala.
Kwale ngisho uThalente Mbatha esesele yedwa kwesesibili, waqhubeka nokulawula izinga lomdlalo.
Ekhuluma nabeRadio 2000 ngoMsombuluko ntambama, uThalente Mbatha uveze okwenze akwazi ukuzenzela kulaba badlali beSundowns.
“Ngidlalile noTebza kwiSuperSport United futhi bekuzoba nzima kuyena ngoba siyazana.
“Bengazi nokuthi u-Allende uyavilapha. Ngike ngadlala naye ngesikhathi sishaya iSundowns (ngisekwiSuperSport) akacindezeli.
“Wenza sengathi uyacindezela kodwa angafiki la kumele afike khona.
“Bengazi-ke ukuthi uma nginyuka nebhola, ngeke bangicindezele, kuzovuleka isikhala,” kusho lo mdlali wasesiswini wePirates.
“Iqhaza lami enkabeni yenkundla wukusebenza ngokuzikhandla, yimina osemncane, ngakho kumele ngibe ngibe namandla kunoMakhaula.
“Nginejubane elingaphezu kwakhe ngakho kumele ngimkhave, kuba nzima ukusihlakaza ngoba sisebenza ngokuzikhandla sobabili…
“Siphinde sibe nenkululeko yokushintshana ngokuya phambili noma ngokuhlala emuva.”
Uphinde waphawula nangokubolekiwa kwkahe kwiPirates, wathi isifiso sakhe sekuwukuhlala unomphelo, afeze amaphupho akhe.
“Ukubolekwa kwami kwiPirates kuzophela manje. Kodwa ngijabule kwiPirates ngoba ngingakwazi ukunqoba izindebe…
“Manje kufanele ngihlale phansi nemenja yami, ngiyitshele ngezinto engizifunayo.”
Imenenja yakhe, uMike Makaab, uthe kulele kwiPirates ukuthi iyamfuna yini njengoba isivumelwano sokubolekana sinmbandela wokuthi imthenge.
OLUNYE UDABA: Uchiphize izinyembezi oweChiefs ebonga owamphakamisa
Nemali ezomthenga ngayo yabekwa ngesikhathi kwakhiwa isivumelwa sokubolekana.