Okwenza uSpencer angayizwa ekaManqoba Mngqithi kwiChiefs
– Alfred Ngubane
UDerrick Spencer, owayedlala kwiKaizer Chiefs, akayiboni ingasebenza eyokuthi leli qembu lakhe lakudala liqashe uManqoba Mgqithi.
IKaizer Chiefs isemkhankasweni wokufuna umqeqeshi wangesizini ezayo, kanti uManqoba Mngqithi ngomunye wabaqeqeshi abamataniswa nalo msebenzi waseNaturena.
Ngaphezu kwakhe, kukhona amagama o-Alexandre Santos wasePortugal obekwiPetro de Luanda kulamasizini amathathu edlule.
Kukhona nelikaPitso Mosimane obekwi-Abha FC yaseSaudi Arabia, noNassredine Nabi okwi-AS FAR njengamanje.
Kubo bonke, uSpencer ubona uManqoba Mngqithi engeke akwazi ukumelana nale nselelo yokuvusa Amakhosi.
Phela sekuphele iminyaka ecela eshumini iChiefs yagcina ukunqoba indebe njengoba ifuna umqeqeshi ozogweba lesi simo.
“I-Kaizer Chiefs ingaphezulu kwakhe ngoba akaqinile ngokwanele,” kusho uDerrick Spencer owake wadlala nakwiMamelodi Sundowns.
Ubebuzwe yisiLisenethini ngabaqeqeshi abamantaniswa nalo msebenzi weChiefs, ukuzwa uvo lwakhe njengenkakha yeqembu.
“Mina ngibona ukuthi uManqoba engaqinile ngokwenele ukuthi angaqeqesha iChiefs ngoba ungumuntu ongenalo ulaka.
“Kodwa yena ungumqeqeshi okhaliphile kakhulu futhi onobuhlakani emsebenzini.
“IChiefs njengamanje isidinga umqeqeshi oqinile kakhulu ofana noPitso Mosimane noma uBenni MaCcathy…
“Noma naye uMuhsin Ertugral, abangabancengi abadlali, baphinde babaphonsele inselelo abadlali ngomsebenzi wabo,” kuchaza yena.
“Uma ukhumbula ukuthi uhlobo lwabaqeqeshi bangaphambilini beChiefs abaletha impumelelo abafana noPaul Dolezar, Jeff Butler noTed Dumitru…
“Bonke laba baqeqeshi kade bethetha uma ngabe umdlali engenzi into abayifunayo,” kusho uSpencer.
Uveze iphuzu lokuthi umqeqeshi olandelayo kumele abe nakho ukuqonda isikompilo labadlali bakuleli ukuze noma ebathethise, kungeqi ezingeni elithile.
OLUNYE UDABA: UNjinga Mathebula uhlonza okuqgilaza amaqembu aseKZN
“Ngakho ngibona uBenni MaCcathy noPitso Mosimane kungaba ngabaqeqeshi beKaizer Chiefs abangayivusa ime qingqo,” kuphetha uDerrick Spencer.