Kubhekwe obekwiChiefs kwesephini kwiPirates
– Intatheli yeLisenethini
I-Orlando Pirates njengamanje isezinhlelweni zokuhlela kabusha ithimba labaqeqeshi kulandela ukushiya kobeyiphini likaJose Riveiro.
Lezi zinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, zimemezele ngoMsombuluko ukuthi uSergio Almenara useyashiya kuleli qembu.
Isizathu sokushiya kwakhe wukuthi usanda kuthuthela umndeni wakhe ewususa eSpain, wawusa eFinland kanti uyamdinga ukujwayela isimo sakhona.
Manje lokhu kushiye isikhala kanti leli qembu lifuna ozoba yiphini lesibili njengoba uMandla Ncikazi yena esekhona.
Nokho i-Orlando Pirates ithe kukhona nezinye izikhundla ethimbeni labaqeqeshi efuna ukuzivala noma ukuzengeza.
Phela kubhekwe ukuthi ibuye ngamandla, ifakele iMamelodi Sundowns inselelo kwiDStv Premiership futhi yenze kahle nakwiCaf Champions League.
IBucs ibe nesizini enhle njengoba ikwazile ukubuyisa zombili izicoco ebizinqobe nangesizini edlule – eseMTN8 neseNedbank Cup.
ILisenethini seyihoshe ukuthi u-Arthur Zwane, oke waqeqesha izimbangi ezinkulu ze-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs ungomunye wabangase baqashwe.
UZwane njengamanje use-Ireland la enza khona izifundo ze-Eufa Pro License, okuyiziqu ezinkulu kunazo zonke emhlabeni.
Lokhu kuzomenza abe ngomunye wabaqeqeshi abambalwa abanalezi ziqu ebholeni lakuleli.
Kwabanye abanazo nguye uJose Riveiro, uSead Ramovic weTS Galaxy noFadlu Davids osebenza eMorocco njengamanje.
“Lezi ziqu azenzayo zizomenza inyama emaqenjini kodwa ngizwa kuthiwa iPirates seyisheshe yazidlisa satshanyana kuyena.
“Usenenkontileka kwiChiefs kodwa angiboni inqaba ukumdedela uma esula ngoba vele uzobe uyayisiza kwayona,” kusho umthombo.
UZwane wehlisiwe esikhundleni sokuqeqesha kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule kulandela izigameko zodlame lwabalandeli ababefuna axoshwe.
Babengenelisekile ngomsebenzi wakhe. Wabuyiselwa ekubeni yiphini, kwabekwa uMolefi Ntseki njengomqeqeshi.
BUKA: UNodada evula isipho sikazakwabo waseVenezuela
Kodwa kuthe uma sekumbhedela uNtseki, exoshwa, noZwane wasuswa eqenjini elikhulu, wabuyiselwa ezinkulisa zeqembu.