Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos ucacise ngabeDowns abalimele kwiBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usekuqinisekisile ukuthi uKhuliso Mudau uzobe esekulungele ukudlala imidlalo ezayo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 neNigeria neZimbabwe. 

Kodwa, kunabadlali abane banezinkinga ezincane. UHugo Broos uqoke isikwati sakhe sabadlali abangu-23 ngoLwesine.

Kubo kubalwa uSiyabonga Ngezana noRelebohile Mofokeng, bobabili bangase badlale okokuqala ngemuva kwamasizini amahle kwi-FCSB ne-Orlando Pirates, ngokulandelana.

Nokho, kuzomele abhekane nokungabi khona komdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uGrant Kekana.

Lo mdlali ukhululiwe ekhempini yeBafana ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokulimala umsipha kowamanqamu weNedbank Cup lapho behlulwe khaon yi-Orlando Pirates eMbombela Stadium ngoMgqibelo.

Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, ungene esikhaleni sakhe eqenjini yasombululeka leyo nkinga.

Nokho uHugo Broos uphinde wachaza ngoMudau ngemuva olimale ehlombe kowamanqamu weNedbank Cup.

“Lena yimidlalo ebaluleke kakhulu, ngakho siqoke ukumkhulula (uGrant Kekana) ahambe, savala isikhala sakhe ngoGiven Msimango weKaizer Chiefs,” kusho uBroos. 

“Inkinga yesibili, empeleni akunankinga, uKhuliso Mudau – wonke umuntu ukubonile okwenzeke kowamanqamu ngoMgqibelo. 

“Ngemuva kokuhlolwa izolo ebusuku, uDokotela naye umdlali uqobo banginike isibindi ukuthi akukubi kakhulu.

“Uzobe esekulungele ukudlala ngoLwesihlanu ebusuku… Ukwazile ukujima namihla (ngoMsombuluko) ekuseni.” 

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uveze ukuthi nabanye abadlali abane beSundowns bafike benokuthinteka okuthile, kodwa bazobe sebelungile ngoLwesihlanu.

IBafana izogadulisana neNigeria, e-Uyo emdlalweni wokuqala wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu. 

“Okwesithathu – Kunenkinganyana ngoTeboho (Mokoena), u-Aubrey modiba, uBathusi Aubass noRonwen Williams.

“Akuyona into esingakhathazeka ngayo, kodwa kunezinkingana ezincane, kodwa ngeke kusiphazamise ezinhlelweni zethu zangoLwesihlanu.”