Bafana BafanaEzintsha

UBenni uncoma ikhono likaFoster, umbona ekwiMan U

Abanye bengakubona kuwukugagamela ukukhuluma kukaBenni McCarthy oseveze ukuthi ubona umgadli wakuleli, uLyle Foster engangena khaxa kwiManchester United. 

ULyle Foster udlale okokuqala kwi-English Premiership kule sizini kwiBurnley, kodwa izinto zabhimba njengoba leli qembu ligcine lidliwa yizembe. 

Lo mgadli, oneminyaka engu-23 nokhulele enkulisa ye-Orlando Pirates, ushaye amagoli amahlanu kwiligi. 

Yize lamagoli emancane, kukhona akwenzile okwenze uBenni McCarthy wambona esanagakhula kakhulu kule ligi ethandwa umhlaba wonke. 

Kuzokhumbuleka nokuthi uLyle Foster uke wathikanyezwa wukugula kwengqondo okumenze wahlala izinyanga ezimbili engadlali. 

“Ngesikhathi sidlala ngokulingana neBurnley, bengicikica amehlo ngoba bengingakholwa ukuthi kanti uLyle muhle kanje. 

“Angangena khaxa ​​eqenjini lethu, eqenjini leManchester United,” kusho uMcCarthy kwiMarawa Sports Worldwide muva nje.

Ikusasa likaFoster alikaziwa njengamanje njengoba nomqeqeshi owayemlandile, uVincent Kompany eseshiyile kwiBurnely. 

UMcCarthy uphinde wavikela lo mgadli ekusolweni abhekene nakho kuleli njengoba anqaba ukuya kwiBafana ngoJabuwari. 

Ngenxa yokugula kwakhe, uFoster wacela ukuba ahlale e-England ukuze abe seduze nodokotela abebemelapha. 

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos umbuyiselile lo mgadli eqenjini lakhe azolisebenzisa emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

“Kuyadabukisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bajabulile uma iBurnley idliwa yizembe ngoba bebona kuyisijeziso esifanele sikaLyle Foster,” kwengeza uMcCarthy.

“Impilo yengqondo kancane kancane iba umbulali osheshayo laphaya.”

Lo mdlali owake wagijima ku-Orlando Pirates useneminyaka emine esele kwikontileka yakhe neBurnley. 

Uma leli qembu linquma ukumgcina, kuzomele ayodlala kwiChampionship ngesizini ezayo.