DStv Premiership

Seliqalile izembe kwi-Orlando Pirates, ngabe lizoqhubeka? 

Njengoba sekuqalwe amalungiselelo esizini entsha, i-Orlando Pirates ayizange isachitha isikhathi esitheni, yaqala yachitha ebabona ingasabadingi. 

Leli qembu laseSoweto elisanda kunqoba indebe yeNedbank Cup selidedele umdlali wokuqala.

USouaibou Marou – owafika ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofike abe yisihlabani kwi-PSL, usekhululilwe.

“I-Orlando Pirates Football Club ingakuqinisekisa ukuhamba komgadli uSouaibou Marou,” kusho leli qembu esitatimendeni esifishane.

“Lo mdlali waseCameroon, osijoyine ekuqaleni kwesizini usekhululekile ukujoyina iqembu alifisayo. 

“Sifisa ukumfisela okuhle uSouiabou ngekusasa lakhe.” Lo mdlali ufike kwiPirates ebuya eNdebeni yoMhlaba ebiseQatar.

Wayekade edlala kahle ngakubo eCameroon futhi enqobe indondo yokushaya amagoli amaningi.

Kodwa kwiPirates ufike ngesikhathi esibi ihlome ngabagadli abahle phambili, wagcina ehluleka ukuzitholela indawo eqenjini eliqala imidlalo. 

Omunye umdlali okulindeleke ukuthi i-Orlando Pirates imkhulule nguKermit Erasmus okukholakala ukuthi uphelelwa yinkontileka ekupheleni kwale nyanga.