DStv Premiership

Sekuqenqeleza owaseTunisia embangweni womsebenzi weChiefs

Sekuvele imibiko ethi iKaizer Chiefs seyibuyele kumqeqeshi ebimfuna ngesizini edlule njengoba ifuna ozofika nesithunzi namava okunqoba izindebe.

IKaizer Chiefs ibe nesizini embi kakhulu futhi kufanele abaphathi batatazele, benze okuthile ukunqanda isimo. 

Kumanje ke basemkhankasweni wokuthola umqeqeshi onohlonzo nesigqi ukuthi kube nguye othwala lo msebenzi wokubuyisa isithunzi. 

ISABC Sport ibika ukuthi uNasreddine Nabi nguye osehamba phambili kokubhekwe ukuthi bathathe lo msebenzi kuCavin Johnson obebambile kule sizini.

Ngaphansi kukaJohnson, iKaizer Chiefs iqede endaweni yeshumi kwiDStv Premiership, yabhuliswa amazolo kuyo yonke imiqhudelwano yezindebe. 

“Sthole ukuthi uNabi uhamba phambili kubaqeqeshi abafunwayo, kanti isikhubekiso esavimba lo mqeqeshi waseTunisia ukuthi ajoyine iChiefs phambilini sesixazululile,” kubila iSABC Sport

U-Nabi ubebhekwe ukuthi ajoyine iChiefs ngoNhlangulana nyakenye, kodwa ngenxa yokungavumelani ngokuthile, wagcina ehoxile.

Wayeseze washiya nomsebenzi wakhe kwiYoung Africans eTanzania ngoba efuna ukuzosebenza kwiKaizer Chiefs. 

Kodwa wagcina engavumelananga naleli qembu ngoba linqaba ukuthi afike nethimba lakhe ezilomsiza ukucija leli qembu. 

Manje kuvela ukuthi sekulindwe kuphele iligi eMorocco la uNabi esebenza khona kwi-AS FAR esendaweni yesibili kwiBotola Pro League. 

Uma seyiphothuliwe iligi, kuzobe sekuqhutshekwa kahle ke ngezingxoxo naye esenesikhathi kahle. 

Ngaphezu kwakhe, no-Alexandre Santos obesebenza kwiPetro de Luanda e-Angola umataniswa nayo iKaizer Chiefs.

Ushiye kuleli qembu ngemuva kokuvalwa kwesizini kanti naye ubhekwe khona eNaturena. 

Negama likaManqoba Mngqithi nelikaPitso Mosimane aseke avela kulawo abaqeqesi okufunelwa khezu kwabo.