DStv PremiershipEzintsha

‘Kuwe insika’ kaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates 

Aseqale ngendlela cishe abengayifisi umqeqeshi we-Orlando Pirates amalungiselelo esizini ka-2024/25 njengoba eseshiywe uzakwabo obeyinsika yakhe. 

I-Orlando Pirates imemezele ukuthi iphini lomqeqeshi uSergio Almenara uyashiya kuleli qembu ngemuva kokuvumelana nabaphathi. 

U-Almenara wafika kanye naye uJose Riveiro besuka eFinland la bebesebenza khona bonke. 

Empeleni nje ngathi kuzoba okokuqala eminyakeni eyisithupha behlukana njengoba e-Almenara esesmshiya nje. 

“U-Almenara ekuqaleni wayefake isicelo sakhe sokushiya ikilabhu ekuqaleni kwalo nyaka, nokho,” kufundeka isitatimende sePirates. 

“Kodwa ukuze kuqinisekiswe inqubekelaphambili yeqembu emiqhudelwaneni yeligi neyendebe, abaphathi bakhethe ukubhekana nalesi sicelo ekupheleni kwesizini.” 

Eziphawulela, lo mqeqeshu uthe kube yisinqumo esinzima lesi kuye kwazise ubesajabule ukuhlala kuleli.

“Lesi yisinqumo engisithathe ngenhliziyo ebuhlungu,” kusho u-Almenara. “Ngikujabulele kakhulu ukuhlala kwami ​​lapha, kodwa ngebhadi ngenxa yezinto eziqondene nami ngqo, futhi ikilabhu ezaziyo, angisakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wami. 

“Nginomndeni osemusha le emuva eFinland. Udonsa kanzima ukujwayela izwe elisha (ngingekho). 

“Bengingathanda ukuhlala isikhathi eside, kodwa ngeshwa, akunakwenzeka.

“Ngithanda ukubonga abaphathi, ithimba labaqeqeshi, abadlali, futhi okubaluleke kakhulu abalandeli ngokuhlala kwami. Ngiyohlale ngiyiBhakabhaka.”

I-Orlando Pirates – ngokuxoxisana nomqeqeshi omkhulu – izobheka ukusebenzisa leli khefu lesizini ukuze lithole ozongena esikhundleni.