DStv PremiershipEzintsha

IStellies ibangisa iKaizer Chiefs ngomdlali emfunayo

I-Kaizer Chiefs seyithole imbangi eyibangisa kumdlali wasemuva efuna ukumsayina njengoba kuvela ukuthi neStellenbosch FC iyamfuna lo mdlali. 

Ngokwemibiko yakamuva, iKaizer Chiefs ifuna ukusayina umdlali wasemuva weCape Town Spurs, uRushwin Dortley. 

Lo mdlali osemncane ungomunye wabenze kahle kwiSpurs kwisizini ebinzima negcine iphele nabo njengoba bedliwe yizembe nje. 

Ngokombiko weSoccer Laduuma, iStellies izimisele ukumhlwitha kuqala lo mdlali futhi seyivelile komakhelwane bayo i-Urban Warriors.

“URushwin Dortley ugaqelwe amaqembu amaningi kwiDStv Premiership,” kusho lo mbiko. 

“I-Stellenbosch FC njemanje yiyo esihamba phambili embangweni wokusayina lo mdlali. 

“UDortley uke wayohlolwa yizinkunzi wavivinywa zaseDenmark, iNordsjælland, kanti iKaizer Chiefs nayo izimisele ngaye. 

“Manje ezakamuva zithi yena ufisa ukudlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo neStellenbosch. 

“Kukholakala ukuthi isivelile ngokusemthethweni kwiSpurs, kodwa kusazobonakala ukuthi iyakukhona yini okuzofunwa yiSpurs ngaye.” 

Isikhulu esiphezuku kwiSpurs, u-Alex Efsthathiou sisanda kukubeka kwacaca ukuthi amaqembu afuna abadlali bakhe kuzomele azimisele ukukhokha ngampela.

U-Dortley oneminyaka engu-22, udlale imidlalo engu-26 yeligi kwiSpurs ngesizini esanda kuphela.