EzintshaMotsepe Foundation Championship

Isizathu sokumiswa kukaDan Malesela kwiBaroka

Usolwa ngokungaziphathi kahle umqeqeshi, uDan Malesela omiswe isigubhukane kwiBaroka FC edlala imidlalo yokuhlunga ye-PSL. 

UDan Malesela ufikwe kwiBaroka maphakathi nesizini futhi isimo sayo singesihle njengoba yayingasemsileni kwilogi yeMotsepe Foundation Championship. 

Nokho uyikhuphulile yaze yagcina iphelela endaweni yesithathu kwilogi, okuyifake emaqenjini adlala eyokuhlunga.

Ine-University of Pretoria eqede endaweni yesibili kwiChampionship, neRichards Bay FC eqede kweka-15 kwiDStv Premiership.

Iqembu elizoqeda phezulu kule ligi yamaqembu amathathu yilo elizothatha indawo ka-16 kwiPremiership ngesizini ezayo. 

I-Baroka iyiqale kabi imidlalo yokuhlunga iguqiswa AmaTuks ngo 1-0 ngeSonto ntambama.

Manje iSportsWire ibika ukuthi lo mqeqeshi usemisiwe emsebenzini kanti usihlalo weqembu uKurishi Mphahlele uveze ukuthi kungenxa yezizathu zokuziphatha.

“I-Baroka FC seyimise umqeqeshi uDan Malisela emsebenzini ngokushesha,” kubila iSportsWire.

“Usihlalo weqembu, uKhurishi Mphahlele uveze izinkinga zokuziphatha njengesizathu sokumiswa kwakhe.

“Ukuqinisekisile nokuthi uphenyo lwangaphakathi ngalolu daba seluqaliwe.” 

Umiswa nje uDan Malesela kusanda kuxoshwa uMorgan Mammila kwiChippa United kanti kungethuse ukuthi avumbuke kwiBaroka. 

UMammila usenazo iziqu zokuqeqesha ezidingwa yiPSL ukuze umqeqeshi ahlale ebhentshini futhi useke waba nemiphumela emihle kwiChippa. 

Unomlando ke futhi neBaroka njengoba ayeyisikhulu esiphezulu kuyo phambilini.