DStv Premiership

Elinye le-PSL ehlazweni elibi lokungaholeli

Bazodlala imidlalo yokuhlunga izingqondo zingagxilile kahle abadlali beqembu lePremier Soccer League (PSL) elingabaholelile. 

ILisenethini seyingakuveza ukuthi emaqenjini amathathu adlala imidlalo yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership kukhona elingabaholelile abadlali.

Lo mqhudelwano wokuhlunga udlalwa amaqembu amathathu – okuyi-University of Pretoria, iBaroka neRichards Bay FC.

AmaTuks neBaroka basuka kwiMotsepe Foundation Championship la beqede khona endaweni yesibili neyesithathu.

IRichards Bay yona iqede endaweni ka-15 kwiDStv Premiership kanti ithole ithuba lesibili lokuzama ukuvika izembe ngale midlalo yokuhlunga.

Nokho sekuvele izindaba ezingezinhle zokuthi leli qembu le-PSL seliphinde lagubezelwa isimo esibi sokungaholi kwabadlali nabasebenzi.

“Kuyavela yini ngalapho ukuthi isifo seSwallows sesigadlile nakwiRichards Bay FC?,” kusho umthombo wethu ngomlayezo. 

“Uma kuthiwa inxeba lendoda alihlekwa kukhulunywa ngalokhu ke… 

“Ngiyamangala kungani kungaholwa ekubeni iqembu elizoyodlala ama-playoffs lizohlala ehhotela kusukela ngoLwesithathu lomhla ka-6 kuya kumhla ka-18 kuNhlangulana. 

“Ibuhlungu lento ngoba khona nje ukuya ekhempini kusukela kusasa (ngoLwesibili) bazoya kanjani belambile… 

“Bangcono abasebenzi basehhovisi ngoba sebezitshelile izingane zabo ukuthi imali ayikho, abelungu bathi bayaxolisa.” 

ILisenethini ibe isithinta omunye umthombo ozaziyo izindaba zaleli qembu. Uqale wabhala wacisha kodwa wagcina ubhobokile.

“Impela akuholiwe kodwa abaphathi bathembise ukuthi ngeke liphele leli sonto kungaholiwe. 

“Ungalinge ke ungichaye emaphepheni ngoba sidonswe ngendlebe ukuthi singatsheli muntu ngalento. 

“Kodwa ngiyazibuza nje ukuthi engabe abadlali bazodlala kanjanibelambile, bengazi noma bazohola yini,” kusho lo mthombo.

Okhulumela leli qembu, uXolani Zungu, uziqhathulile wathi akayazi leyo ndaba kodwa vele yena akekho eqenjini njengamanje. 

Akukhona ke okokuqala kuvela izinsolo ezinjena ngeRichards Bay njengoba nangesizini edlule kuke kwenzeka. 

Lesi simo sesithanda ukuba wumchilo wesidwaba emaqenjini e-PSL njengoba sike senzeka nakwiMoroka Swallows ngasekupheleni konyaka odlule.

Kuyona abadlali bateleka, banqaba ukudlala imidlalo emibili yeligi, kwagcina ngokuthi kuxoshwe inqwaba.