DStv Premiership

Bakhumbule iMoses Mabhida sezibanetha eMbombela

Ukungahleleki kahle kwezinto, ikakhulukazi ukuhamba kwezimoto ngaphandle kweMbombela Stadium kushiye abaningi abebehambele umdlalo wamanqamu weNedbank Cup bekhumbula iMoses Mabhida. 

Le nkundla eseNelsoruit, eMpumalanga yiyo eyaqokwa yiPremier Soccer League ukuthi kubanjelwe kuyo umdlalo wamanqamu.

Bekugadulisana iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama, kwaphumelela ezikaMagebhula ngo 2-1. 

Ukuqala komdlalo kuphoqeleke ukuthi kuhlehliswe ngemizuzu engu-15 ngenxa yokuthi abalandeli bebesavaleleke ngaphandle.

Njengenjwayelo, kusolwe boona ngokuthi mhlawumbe baphume emakhaya sebeshaywa yisikhathi. 

Kodwa manje sekuvela ukuthi inkinga beyisekutheni ababelawula ukuhamba kwezimoto emigwaqeni eseduze nale nkundla bebehluleka ukwenza umsebenzi wabo ngendlela efanele.

Kube esifanayo noma sekuphunywa. Abanye bozakwethu abazintatheli abebehambele lo mdlalo, babuye bekhala ngesiminyaminya. 

Umhleli weSportsWire, uRobin Madlala uze wathi kumele kungaphinde kulethwe umdlalo wamanqamu kule nkundla. 

“Akungaphinde nje kulethwe umdlalo wamanqamu eMbombela Stadium,” kubhala le nsizwa kwi-X.

“Umdlalo uphele emahoreni amathathu edlule kodwa sisabambezeleke kwisiminyaminya… 

“Manje sengiyaqonda ukuthi kungani iMTN8 iyisa eMoses Mabhida Stadium eyayo imidlalo yayo yamanqamu.”