Ezintsha

Useshiyile la abesebenza khona okhonjwa kwiChiefs

Omunye wabaqeqeshi abamataniswa neKaizer Chiefs useshiyile eqenjini abesebenza kulo, kwanyuka amahlebezi okuthi uya eNaturena. 

I-Petro De Luanda, yase-Angola imemezele ngempelasonto ukuthi umqeqeshi wayo u-Alexandre Santos ngeke esabuyela kuyo ngesizini ezayo. 

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal ungomunye wabahlonishwayo ebholeni lase-Afrika kanti uyabalwa kwababhekwe ukuzohlenga iKaizer Chiefs. 

“I-Petro Athletico seyingakumemezela ukuphela kwenkontileka yayo nobengumqeqeshi u-Alexandre Santos. 

“Kube yisinqumo sakhe umqeqeshi ukuthi ngezizathu zakhe eziphathelene nomsebenzi,” kusho leli qembu lase-Angola esitatimendeni. 

“Ngesikhathi sakhe lapha eqenji uSantos ukhombise ukuzinikela ngokungakhathali. 

“Ngaphansi kwakhe kula masizini amathathu, iPetro Athletico ibe nempumelelo encomekayo. 

“Kungokuziqhenya ukubala ukunqoba isicoco seGirabola (iligi enkulu yase-Angola) kathathu, ezimbili ze-Angola Cup neSuper Cup…

“Nokungena kulandela esigabeni samaqoqo kwiChampions League,” kwengeza leli qembu. 

Libe selisho ukuthi liyambonga uSantos ngakwenzile kulesi sikhathi enalo, lamfisela nokuhle lapho ezoya khona. 

IKaizer Chiefs kubhekwe ukuthi iqashe umqeqeshi osezingeni eliphezulu, nozohlonishwa ngabalandeli nabadlali.

OLUNYE UDABA: UMokwena ususe ukuqagela ephawula ngekusasa kwiDowns

Kwabanye ababalwa kwabafiswa yileli qembu kukhona uPitso Mosimane, uManqoba Mngqithi noNasreddine Nabi ukubala nje abambalwa.