EzintshaNedbank Cup

UMokwena ususe ukuqagela ephawula ngekusasa kwiDowns

Uma ubuka akuzuzile, ungacabanga ukuthi uRulani Mokwena akanankiga ngekusasa lakhe kwiMamelodi Sundowns.

Kodwa njengoba kunezinkulumo zokuthi abaphathi abeneme ngokugcwele ngaye, lo mqeqeshi osemncane kungenzeka azithole edilizwa esikhundleni. 

Kuthiwa abaphathi bakhala ngokuthi ukunqoba isicoco seligi yinto ebivele ilindelekile, kodwa bebefisa silanywe esinye.

I-Caf African Football League ikhona emgodleni kaRulani Mokwena, kodwa ngoba beyidlalelwa amaqembu akhethekile kuphela, abayizwa kahle indaba yayo. 

Ezinebeni ebezibhekiwe uhlulekile njengoba esale kweyandulela owamanqamu kwiChampions League.

Nokho udlale eyamanqamu kabili – kwiMTN8 nakwiNedbank Cup – wahlulwa yi-Orlando Pirates kuyo yomibili.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva kowokugcina weNedbank Cup la iPirates imshaye ngo 2-1, uRulani Mokwena uthe usazicabanga ngekusasa. 

“Ngicabanga ukuthi kumele ngiyophumula njengoba kuvalwe isizini ukuze ngicubungule kahle izifundo.

“Nakanjani zikhona izifudo, hhayi ngeqembu nje kuphela, kodwa mani uqobo,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-37. 

“Into ebaluleke kakhulu wukuthi uma uhlulwa emdlalweni ofana nalona, kumele uqale wena njengomqeqeshi uzinuke amakhwapha. 

“Akumele uye kude kakhulu, uqala ngawe uzibuke esibukweni bes euzibuza ukuthi ‘ngabe bengingenza kangcono?’. 

“Futhi okokuqala nje, ngaphambi kokuyohlonza izizathu, kumele uzehlise bese uxolisa kwikilabhu ngoba akuwona umdlalo obekumele uhlulw ekuwo. 

“Ngakho kuwumsebenzi wami ukuxolisa kwiMamelodi Sundowns Football Club, abalandeli, ibhodi (elengamele iqembu) ngokubenzela phansi. 

“Kube sekuba ngokuzibheka wena, ubheke ukuthi wenzeni, nokuthi ufake isikhathi esanele yini.

“Uma kuwukuthi okufakile akwenele, kusho ukuthi kunenkinga ngoba le kilabhu ifanelwe okungcono. 

“Le kilabhu ifanelwe wumqeqeshi ozofaka okuthe xaxa ukuze asize iqembu linqobe njalo. Yilokho engizobe ngikubheka njengoba kuvalwe isizini.”