EzintshaNedbank Cup

URulani Mokwena ukhihla isililo ngephenathi yePirates 

Usale elila esikaNangi ngonompempe umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena, ethi iphenathi ayibekele i-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup beyingekho.

IPirates inqobe lo mdlalo ngo 2-1. Ibekelwe iphenathi ngemuva kokuthi u-Aubrey Modiba ewise uPatrick Maswanganyi ebhokisini langakubo.

Ivalelwe phakathi nguye uMaswanganyi, kwabe iPirates ibuyela emdlalweni njengoba kade ilandela ngemuva ngo 1-0 ngaleso sikhathi. 

URelebohile Mofokeng ube eseweza iPirates sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, eshaya elihle igoli elenze kwaba ngu 2-1. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uRulani Mokwena uveze ukungeneliseki kwakhe ngale phenathi athi bekungamele ibekwe.

“Thina sithole iphenathi ebicacile, sengiyibhekisisile… Sibe sesihluleka ukushaya igoli ngayo,” kusho lo mqeqeshi. 

“Ngemuva kwalokho umdlalo ube sewehla kancane, kwaze kwayiwa ekhefini kungu 0-0, nakhona lapho besingenankinga, besiwuphethe umdlalo. 

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle kakhulu njengoba sikwaze ukulawula umdlalo onjengalona…

“Umdlalo wamanqamu sibhekene neqembu eliqine njenge-Orlando Pirates, bese ugcine nganqobanga kube wumuzwa omnandi sakubaba. 

“Uma ubheka indlela odlale ngayo, uyabona ukuthi bewufanelwe okungcono kodwa njengoba ngibatshelile nabadlali, ‘imidlalo yamanqamu akuyona eyokudlalwa, eyokuqotshwa’. 

“Futhi nezinto ezibalulekile emdlalweni bezisiphika. Ukushweba iphenathi. Sengiyibonile nephenathi ababekelwe yona.

“Ngicabanga ukuthi uTito uyena odlalise kabi u-Aubrey Modiba uma ngikhuluma iqiniso nje.

“Ngiyibuke kaningi ngiphindaphinda, ngicabanga ukuthi bekumele kube yibhola leMamelodi Sundowns… 

“Kodwa ke imidlalo yamanqamu injalo nje, kuba yizinto ezincane, izigameko futhi ke ngeshwa akusihambelanga kahle,” kusho uRulani Mokwena. 

Ube esebongela iPirates, ethi kumele bazithobe, bemukele ukuhlulwa ngendlela efanelekile.