EzintshaNedbank Cup

URele Mofokeng udalula ‘iplani’ adle ngalo iDowns

URelebohile Mofokeng udlale kahle engena esuka ebhentshini i-Orlando Pirates ishaya iMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup ngempelasonto. 

Kube yigoli likaRele Mofokeng alishaye sekubalwa amanenjana umdlalo uphele elinqobise iPirates kulo mdlalo obuseMombela Stadium. 

Ngaphambi kwalo mdlalo, uMofokeng ubengomunye wabadlali abaqala yonke imidlalo, kodwa kulokhu uRiveiro unqume ukumqalisa ebhentshini.

Kusebenzile ke lokhu njengoba engene egcwele ukuzethemba, mhlawumbe nentukuthelo enhle yokufuna ukuzibonakalisa.

“Angizange ngizixake ngokuthi yimi umdlali obemncane kunabo bonke enkundleni,” kusho uRele Mofokeng kwabezindaba. 

“Ngivele ngagxila ekutheni ngisenkundleni ngakho kumele ngisebenze, ngincintisane nezimbangi. 

“Umqeqeshi ungitshele ukuthi angiqhamuke necebo nokuthi angenze okusemandleni ami – yilokho engikwenzile.” 

Ngokungawuqali umdlalo, uRele Mofokeng uthe ubengazikhathazile ngalokho ngoba ubazi ukuthi kuyingxenye yecebo lomqeqeshi. 

“Lutho, angizange ngiphoxeke (ngokungawuqali umdlalo),” kweneza lo mdlali oneminyaka engu-19. 

“Ngoba bekuvele kuyicelo, ngeke ukwazi ukuphikisana necebo lomqeqeshi futhi kulokhu lisebenze kahle.”

Nokho kade ekhuluma nabeSuperSport, ukuvezile ukuthi akubanga mnandi ukuthi awuqale ebhentshini lo mdlalo.