EzintshaNedbank Cup

UMokwena ucacisa eyokuboshelwa kukaMudau elimele

Kumangaze abalandeli abaningi ukubona uKhuliso Mudau ebuya esiwombeni sesibili somdlalo weMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama.

Lo mdlalo wamanqamu weNedbank Cup bewuseMbombela Stadium kanti unqotshwe yiPirates ebuye kade seyilandela ngemuva yanqoba ngo 2-1. 

UKhuliso Mudau ulimale esiwombeni sokuqala ngesikhathi ewiswa esebhokisini lePirates, wathunukala ehlombe lakwesokunxele. 

ISundowns ibekelwe iphenathi ngemuva kwalesi sigameko, yathathwa uLucas Ribeiro kodwa uSipho Chaine wayivimba.

Evuka lapho uMudau ubebonakala ukuthi ulimele futhi ugcine esebhandishwe ngendlela yokuthi nokuhamba bekungaselula.

Kukhona la kubonakale khona kumabonakude bemphuzisa amaphilisi okukholakala ukuthi awezinhlungu.

Umqeqeshi wakhe, uRulani Mokwena umbhalele incwadi encane okukhokala ukjuthi ubembuza kuyo ukuthi amkhiphe yini.

UKhuliso Mudau ube esenza uphawu lwesandla olukhomba ukuthi impela uyehluleka.

Kodwa kube sekuyiwa ekhefini futhi bekubhekwe ukuthi ngeke esabuya esiwombeni sesibili, kodwa wabuya futhi waqhubeka wadlala waze waphela umdlalo.

Ebuzwa ngalesi senzo sakhe sokuqhubeka nomdlali olimele, uRulani uthe yingoba ubaluleke kakhulu eqenjini.

“Besimdinga. Besimdinga impela nje,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ngemuva komdlalo. 

“Engiqonde ukukusho wukuthi ungumdlali obaluleke kakhulu, (futhi) ubedlala kahle kakhulu. Umjiko wakhe yiwo ositholele iphenathi.

“Ngakho besimdinga. Futhi ngimbuzile ngesikhathi sekhefu ukuthi ngabe ubona esazokwazi yini ukuqhubeka wathi engakwazi. Besimdinga.” 

Abanye kuzobaxaka ke ukuthi akhulume kanjena lo mqeqeshi ekubeni iSundowns inenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu. 

Nokho abaningi bebelimele, kodwa ubekhona uThapelo Morena ebhentshini, kodwa wafakwa endaweni yomunye, uMudau waqhubeka nokudlala.