Ezintsha

UMakhaula ubona uThalente Mbatha efanelwe yiBafana

UMakhehleni “Nyembe” Makhaula oyinjini ye-Orlando Pirates ubona uThalente Mbatha abadlala naye kulezi zinkunzi zaseSoweto ezoya kude nebhola.

Empeleni nje, ngokukaMakhaula kumele ngabe uThalente Mbatha – oneminyaka engu-24 – ngabe useseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

UMbatha udlale ibhola elinenkosi phakathi ngesikhathi iPirates ishaya iMamelodi Sundowns ukunqoba iNedbank Cup kulandelana ngempelasonto.

Ekhuluma neLisenethini, uNyembe uthe ngokubona kwakhe lo mdlali odabuka KwaMashu uzogcina eyinkini yeBafana. 

“Mina ngibona ukuthi uThalente Mbatha uzoshesha ukugqama eqenjini lesizwe iBafana Bafana ngoba uyawuhlonipha umsebenzi wakhe.

“Uyawuthanda umsebenzi wakhe… Ungomunye wabadlali abasheshe bafike ejimini ezozilungiselela umdlalo aphinde ahambe kamuva.

“Bonke abadlali abadala be-Orlando Pirates bayamkhuthaza kakhulu ukuthi aqhubeke asebenze kanzima,” kusho uMakhaula.

UThalente Mbatha usekhombisile ukuthi akazanga ukuzosinisa amahleza kwi-Orlando Pirates njengoba uyayilelwa indawo yakhe enkundleni.

Uqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngemuva kokufaka oTeboho Mokoena noMarcelo Allende ephaketheni umdlalo wonke.

KwiDStv Premiership uwuthole amahlandla amathathu lo mklomelo kusukela efike kwiPirates esuka kwiSuperSport United. 

Ushaye negoli elilodwa. Ufike kwiPirates ebolekisiwe yiSuperSport ngemuva kokuhlolwa ngesikhathi imidlalo yePSL imile kudlalwa iCaf Africa Cup of Nations.

Wabachaza abaqeqeshi, base becela ukuba abolekwe futhi kufakwe umbandela wokuthi uma bechazeka uyena, bamsayine.

Kulindeleke aqedele konke nePirates, athuthele kuyo ngokugcwele njengoba kuvalwe isizini nje futhi kuvulwe iwindi lokusayina abadlali.

Kuvela ukuthi iSuperSport United izocela iPirates iyidedelele umgadli uZakhele Lepasa bese yona iyinika uMbatha.