Ubonge iNambia owaMaTuks benqoba kwiBaroka
– Sibongiseni Gumbi
AmaTuks asezibeke endaweni enhle futhi isihlezi phezulu kwilogu yamaqembu amathathu adlala imidlalo yokuhlunga elizongena kwiDStv Premiership.
Leli qembu likaTlisane Motaung linqobe ngo 1-0 wegoli likaKamogelo Pheeane alishaye ngomzuzu ka-88.
Bewukumdlalo wokuqala okuseTuks Stadium kanti seyisalelwe yimidlalo emithathu kulo mqhudelwano.
“Sijabule ngamaphuzu amathathu. Kube umdlalo onzima, kumele ngincome abadlali ngokusebenza kanzima,” kusho uMotaung ngemuva komdlalo.
Ube esencoma unozinti wakhe, u-Edward Maova ovimbe amabhola anzima futhi waqiniseka ukuthi AmaTuks asendaweni enhle.
“Usebenzile impela, yingakho ebesezintini. Uwenze kahle umsebenzi wakhe,” kusho lo mqeqeshi.
“Angiyena umuntu othanda ukuncoma umdlali ngayedwana ngoba umsebenzi awufakelwe enkundleni – ukuvimba amabhola angangeni.
“Nokho siyamncoma ngalokho. Futhi kumele sibonge nakwiNamibia ngoba ibeqokiwe eqenjini lesizwe, sacela ukuthi ahlale lana.
“Ngiyakubonga lokho… Ikakhulukazi umqeqeshi (weNamibia, uCollin Benjamin),” kusho uMotaung.
OLUNYE UDABA: Siyenyuka isibalo sawe-PSL agaqele unozinti waseZim
AmaTuks asezobhekana neRichards Bay emdlalweni olandelayo ekuhambe eKind Zwelithini Stadium, eMlazi ngoLwesibili ntambama.