EzintshaNedbank Cup

UMofokeng ubhoboka ngobuhlungu bokungawuqali owamanqamu

Uma kuyiqiniso ukuthi uma kukhulunywa ngawe ulunywa yizindlebe, kufanele ukuthi ezikaRelebohile Mofokeng ziluma umlibe. 

Phela njengamanje lo mdlali we-Orlando Pirates osemncane ungomunye wabantu okukhulunywa ngaye cishe yonke indawo. 

Lokhu kulandela umgilingwane awenze emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup bebhekene neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ntambama. 

URelebohile Mofokeng ushaye igoli ngemizuzwana yokugcina nokuyilo elinqobise iPirates ngo 2-1 kulo mdlalo obuseMbombela Stadium. 

Leli goli ulishaye esuka ebhentshini njengoba ebengawuqalanga lo mdlalo, endaweni yakhe kungene uMonnapule Saleng. 

UMofokeng, oneminyaka engu-19, ulikhiphe phansi kwemilenze kaBongani Zungu qede walisika kamnandi, layogaxela enethini.

“Ngesikhathi ngithola ukuthi ngeke ngiwuqale umdlalo, ngiphatheke kabi,” kusho lo mfanyana ngemuva komdlalo. 

Ngaphambi kwalo mdlalo, uRelebohile Mofokeng ubengomunye wabadlali abaqala imidlalo kweZimnyama. 

Kodwa kulokhu umqeqeshi, uJose Riveiro uqoke ukungamqalisi futhi lokho kusebenze ngendlela cishe abefuna ngayo.

“Kodwa bengilokhu ngiwubuka umdlalo, ngiwujabulele kodwa ngibuka ukuthi uma ngingena ngizokwenzani ukuze ngijike izinto.” 

Ubuzwe nangaleli goli lakhe elimfake emabhukwini omlando ngokuba ngumdlali omncane kunabo bonke ukushaya igooli emdlalweni wamanqamu kwiPirates. 

“Iningi lamagoli ami anjalo nje,” kuqhuba yena. “Bekunzima kodwa sizamile futhi nami ngenze okusemandleni ukuthola leliya goli ukuze ngingene emabhukwini omlando.” 

Ugila izimanga esuka ebhenstshini nje nomqeqeshi weBafana Bafana – aqokelwe kuyo okokuqala – ukuvezile ukuthi uthembele kuye ukugqekeza iNigeria uma bexakeka.

UHugo Broos uthe uMofokeng uzomfaka uma umdlalo usuyophela uma ebona ukuthi baxakekile, bayehluleka ukugqekeza udonga lwasemuva.