Ezintsha

Lichithwe yinkantolo ebelimisa eyokuhlunga ye-PSL

Njengoba iLisenethini beyike yabika ukuthi ningamangali uma kuthiwa imidlalo yePremier Soccer League (PSL) yokuhlunga okumele iqale ngeSonto iyamiswa, sekucishe kwaba njalo ngampela. 

Engosini yombono ebinesihloko esithi: IBAMBE NGAKHO: I-PSL ijikelwe yimfene efuywe yiyo, umhleli, uSibongiseni Gumbi ubegxeka imithetho yale nhlangano.

Ukhale ngokuthi kunamacala amaningi avumbukayo nje esigabeni sokuqala, iMotsepe Foundation Championship yingenza yale mithetho okufanele ngabe kudala yaguqulwa. 

NgoMgqibelo ebusuku i-PSL ikhiphe isimemezelo ngomlomo womshushisi wayo uZola Majavu ibika ukuthi kuneqembu ebeliye enkantolo lizama ukumisa le midlalo.

UMajavu uthe isicelo se-Upington City esiphuthumayo ebisifake enkantolo enkulu yaseGoli sokuvimba le midlalo sichithiwe. 

“Ngingaqinisekisa ukuthi esikhathini esingengakanani esidlule inkantolo ephakeme yaseGoli ichithe isicelo sokumisa imidlalo yokuhlunga okuhlelwe ukuthi iqale kusasa.

“Lesi sicelo besifakwe yi-Upington Football Club,” kusho uMajavu kulesi sitatimende. 

Uchazile ukuthi i-Upington beyimisa le midlalo nje kungoba isenecala efisa liqedelwe kuqala ngaphambi kokuqhubeka kwale midlalo. 

ICity Press yona icaphune ummeli we-Upington, uLerumo Thobejane ethi basazoqhubeka nalolu daba.

“Isicelo sokumisa imidlalo sichithiwe,” kusho lo mmeli owayemele iRoyal AM ecaleni elicishe lifane eminyakeni embalwa edlule.

“Ngicabanga ukuthi silubeke kahle udaba lwethu enkantolo futhi izinto zisobala wonke umuntu uyazibona. 

“Ngisho ijaji livumile ukuthi wubada oluphuthumayo, kodwa iPSL yafika nezaba zokuth isivele isikhokhele nezindawo okuzodlalelwa kuzo. 

“Ijaji lisazosinika izizathu (zokuchitha lesi sicelo sethu),” kuchaza uThobejane.