AbeChiefs babongela ‘untanga’ ogila izimanga kwiBucs
Abadlali abasebancane beKaizer Chiefs, oMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi, babe ngabanye babagxume babongela uzakwabo we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng.
Lokhu bakwenze ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuthi uMofokeng egile izimanga, ephoxa iMamelodi Sundowns ngomzuzu wokugcina.
UMofokeng ushaye igoli lokunqoba ngesikhathi iPirates ivikela indebe yayo yeNedbank Cup, inqoba ngo 2-1 kulo mdlalo obuseMbombela Stadium.
Lo mdlali oneminyaka engu-19, ulikhiphe phakathi kwemilenze kuBongani Zungu ngaphambi nokulishaya ngobuchule, lamudla uRonwen Williams layoqabula inethi.
Ngemuva komdlalo, uShabalala – oneminyaka engu-20 – ufake isithombe sakhe enoMofokeng kwi-Instagram.
Ube esesiphelezela ngomlayezo omfishane kodwa oshaya khona: ‘Oh mfana’.
NoVilakazi – oneminyaka engu-18 – naye wenze okufanayo, wafaka isithombe enoMofokeng wase esiphelezela ngombhalo othi: ‘anginamazwi’.
Banconyiwe laba badlali ngokungabi namoma ngontanga yabo owenza kangcono kunabo kwelinye iqembu eliyimbangi yabo enkulu.
Bobabili uShabalala noVilakazi abakangeni egiyeni noma bafike ezingeni elibhekwe kubo kwiKaizer Chiefs.
OLUNYE UDABA: UMakhaula ubona uThalente Mbatha efanelwe yiBafana
Baqhamukile ke ongom’uyayona, bathi laba kumele basike iphethini kuMofokeng, nabo bagile izimanga ezifanayo kwiChiefs.