Bafana BafanaEzintsha

UTito Maswanganyi uzibona zinkulu agqokiswa zona

UPatrick “Tito” Maswanganyi usegcine ephendulile ngenkulumo kaHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana.

UHugo Broos wathi uPatrick Maswanganyi nguyena umdlali ambona ezovala isikhala sikaThemba Zwane eqenjini lakhe ngokuhamba kweminyaka. 

“Ngethemba ukuthi sengithole umdlali ofanele ozovala isikhala sikaThemba Zwane kuMaswanganyi,” kusho uBroos.

“Yebo, akanawo amava ebholeni lamazwe ngamazwe. Kodwa ngikholwa wukuthi unakho okudingekayo nethalente ukuvala isikhala sikaThemba Zwane kwiBafana Bafana. 

“Yena (uMaswanganyi) izinto zenzeke ngokushesha ngoba ubesuka eqenjini elincane (iSuperSport United) wafike washeshe wajwayela kwiPirates. 

“Ukhombise ukukhula umdlalo ngomdlalo. Sibe sesimlandela ngoba njengoba ngangishilo, siyamdinga ozongenza ezicathulweni zikaThemba.

“Ngelinye ilanga uzoliyeka ibhola, kumele sikulungiselele lokho,” kuchaza uBroos. 

UZwane uneminyaka engu-34 njengamanje kanti njengoba edlala phakathi, cishe usalelwe wunyaka kuya kwemibili ngaphambi kokuphuma ebholeni.

“Yingakho ke uPatrick ubenathi ngoNdasa, uthole ithuba lokubuya manje futhi sizobona kuzohamba kanjani. 

“Kodwa ngethemba ukuthi uzolithatha leli thuba ngoba ungumdlali osezingeni elihle kakhulu.” 

Nokho uMaswanganyi uyazihlangula, uthi zinkulu kakhulu lezi zicathulo okuthiwa kumele azigqoke. 

“Ngeke ngisivale isikhala sikaThemba Zwane ngoba unesipiliyoni esiningi kakhulu,” kusho uPatrick Maswanganyi. 

“Nezinga likaThemba Zwane liphakeme kakhulu mhlawumbe mina ngagcina ngafinyelelanga kulona.”

Vele ke ukukhuluma kanje kumfanele uMaswanganyi ngale kwalokho engasolwa ngokuziphakamisa, kuthiwe uzibonaengcono. 

Naye uBroos uyakuvuma ukuthi akakfikiezingeni likaZwane, wathi kodwa unethemba lokuthi bazokwazi ukumfikisa kulo ngoba ikhono unalo. 

“Kungenzeka okwamanje akekho ezingeni noma akanawo amava njengoThemba. Kodwa engafika kulelo zinga.

“Okumele sikwenze ukumnika ukuzethemba bese sethemba ukuthi sithathe isinqumo esifanele (ngokukhetha yena),” kusho uBroos.