Usekhumbule ekhaya uMailula, uzobuyela kwiDowns?
Sekuvele ukuthi uCassius Mailula akaseneme kahle Canada la asezinze khona kusukela eshiye kwiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.
Lo mdlali osemncane usayinwe yiToronto FC edlala kwi-US Major League Soccer (MLS) kanti yize eqale ngegiya eliphansi kubukeka sekungconywana.
Efika kwiToronto, uCassius Mailula uke wakhuhla ibhentshi kwaze kwababa izinqa kodwa muva nje usenokulithola ijezi.
Namagoli useqalile ukuwashaya. Kodwa sekuvele ukuthi izinto zijika nje yena usevele ucabanga ngokubuyela ekhaya.
I-KickOff ibika ukuthi uMailula – obengomunye wabebeqala imidlalo kwiDowns ngesizini edlule – usenokukhuluma ngokubuya ekhaya.
Kucashunwe uPaul Mujuni wase-Uganda owayeyimenenja yabadlali kodwa osengumqeqeshi eCanada eveza lo mcabango kaMailula.
UMujuni uthi uyazama ukumkhipha kulowo mqondo ngoba kuzofana nokuthi uhlehlela emuva ebholeni lakhe.
“Ngisedolobheni elilodwa nomfowethu omcane ozalwa ngomunye umama, uCassius Mailula odlala eqenjini elikhulu iToronto FC.
“Badlala kwi-MLS,” ucashunwe esho kanje uMujuni kulo mbiko.
“Ngiyazama ukumsiza ngokujima eceleni, ngimnika nokuzethemba nokuthi abe nomuntu anaye kule ndawo angayazi.
“Akubi lula kubadlali abasebancane baseNingizimu Afrika ukujwayela ezweni abangalazi.
“Usenakho ukukhuluma ngokuthi ufuna ukubolekiswa eqenjini azodlala njalo kulo ukuze abuyele kwiBafana Bafana.
“Ngicabanga ukuthi yiSundowns emaqenjini ase-Afrika engakhona ukumkhokhela le mali ayihola lapha,” kuchaza uMujuni.
“Mina ngokwami ngibona kumele abe nesineke. Yingakho ngimgqugquzela futhi ngimsiza ukuthi ajwayele lana.
“Kusaphele unyaka efikile, futhi uncintisana nabadlali abasuka kumaligi amakhulu emhlabeni.
“Ukuthi useyangena ethimbeni labadlali abangu-18 abaya emidlalweni nokuthi una sebhentshini kusho khona ukuthi unalo ikhono.
“Udlala kahle nakwiCanadian Cup, uwuqala aze awuqede umdlalo futhi namagoli uyawashaya.
“Okunye wukuthi umqeqeshi owamsayina waxoshwa. Sekukhona omusha manje okumele ajwayele isitayela sakhe.
OLUNYE UDABA: IPirates nezinhle nezimbi ngaphambi kowamanqamu
“Ibhola lalapha lihluke kakhulu kunelase-Afrika… Nami ngingumqeqeshi ngisazama ukujwayela futhi ngiyafunda okusha nsukuzonke.”