EzintshaNedbank Cup

URelebohile Mofokeng uyigile igoda elingaqaqeki iSundowns

Ungene esuka ebhentshini uRelebohile Mofokeng, washaya igoli elinqobise i-Orlando Pirates indebe yeNedbank Cup okwesibili kulandelana ngoMgqibelo. 

IPirates inqobe lo mdlalo ebibhekene kuwo neMamelodi Sundowns ngo 2-1, kanti ibuye kade seyilandela ngemuva. 

URelebohile Mofokeng ungene kusele ngaphansi kwemizuzu engu-20, iPirates seyivele ilandela ngemuva ngo 1-0.

IPirates ithole elokulinganisa okube yiphenathi evalelwe phakathi uPatrick Maswanganyi. 

Kuthe sekubhekwe ukuthi umdlalo uya esikhathini esengeziwe, kusele imizuzwana, wakususa lokho uMofokeng.

Kube yibhola elishaywe u-Olisa Ndah. Bekubhekwe ukuthi alijikijele ebhokisini, kodwa walibeka kuMonnapule Salenge kwesikunxele.

Yena ube eseligobela kuMofokeng obesebhokisini. Ube eseshaya uBongani Zungu ngemanta, qede walibeka enethini kwabe kuphelile. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena ubehlengezela izinyembezi.

Ukhale ngokuthi bekumele ngabe kunqobe bona, kodwa bahlulwe amathuba. Usole nonompempe ngendlela abebephethe ngayo umdlalo.