Ezintsha

Kuvela okwenze iChiefs ichithe uStanley Nwabali

Cishe ubeseyibalile imali yaseNaturena usihlalo weChippa United ngesikhathi etshela ukuthi iKaizer Chiefs ukuthi kungaxoxwa ngonozinti wakhe uStanley Nwabali. 

Kuvela ukuthi leli qembu lase-Eastern Cape belizimisele ukumdedela ngemali encane kunale eyayishiwo uSiviwe Mpengesi ngesikhathi se-Africa Cup of Nations.

UNwabali wagila izimanga kulo mqhudelwano obuse-Ivory Coast waze waheha amehlo amaqembu aphesheya namanye kuleli.

Ngaleso sikhathi uMpengesi wathi ufuna u-R40-million kuya phezulu ngalo nozinti odabuka eNigeria. 

KwiDstv Premiership, uStanely Nwabali, oneminyaka engu-27, akangenelwanga goli emidlalweni engu-11 kwengu-26 ayidlalile. 

Ngokubika kweFARPost, umthombo osondelene nalamaqembu useveze ukuthi zike zaba khona izingxoxo phakathi kweChiefs neChippa ngalo nozinti.

IChiefs ivele isemkhankasweni wokuthola omunye unozinti njengoba u-Itumeleng Khune ezowabeka ethala amagilavu ekupheleni kwale sizini.

“Into eyavela kwiChiefs wukuthi bafuna uhlobo oluthile lukanozinti,” kusho lo mthombo.

“Ungunozinti omuhle, kodwa akayona neze lento abayifunayo bona. 

“Okunye okwavela wukuthi ngathi bafuna unozinti ozoba musha kwiPSL, yingakho balibonga ithuba lokusayina yena.”