IPirates nezinhle nezimbi ngaphambi kowamanqamu
– Sibongiseni Gumbi
I-Orlando Pirates seyimemezele izindaba ezinhle nezimbi ngaphambi komdlalo wamanqamu weNedbank Cup.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zizogadulisana neMamelodi Sundowns kulo mdlalo ozoba seMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
I-Pirates iyona eya kulo mdlalo kuyiyo ompetha abavikela le ndebe futhi ayikaze ihlulwe emdlalweni weNedbank Cup kusukela kufike uJose Riveiro ngo-2022.
Seyimemezele ukubuya kwabadlali ababili abebelimele noyedwa obemisiwe, abazoba yingxenye yeqembu futhi angabaqoka ukuqala umdlalo uRiveiro.
“UNkosinathi Sibisi ubuyile ukuzoqinisa emuva kulandela ukungadlali emdlalweni odlule ngenxa yokumiswa.
“Ubemisiwe emdlalweni wokugcina weligi sibhekene neSuperSport United,” kusho i-Orlando Pirates esitatimendeni.
“Kukhona nezijabulisayo ngabebelimele njengoba uMiguel Timm noThabiso Lebitso sebebuyele ekujimeni neqembu ngokugcwele.
“UTapelo Xoki yena uzobe engekho njengoba engakalulami.” UXoki walimala ejimini emavikini ambalwa adlule.
Kuzothatha amehlo ukuthi ubani phakathi kukaSibisi noThabiso Sesane ozoqala umdlalo emuva maphakathi nenkundla, alekelelane no-Olisa Ndah.
Lo mdlalo ubaluleke kuwo womabili lamaqembu njengoba elilodwa lawo lizolala linezindebe ezimbili kule sizini.
IBAMBE NGAKHO: I-PSL ijikelwe yimfene efuywe yiyo
ISundowns igodle iDStv Premiership ekhwapheni, kanti iPirates yona ineMTN8 eyayidla kuwo aMasandawana ekuqaleni kwesizini.