Ezintsha

Uyekiswe ibhola umdlali owadedela ulabhabha wempama 

Umdlali owayeyisihlabani se-Al Ahly uHussein El-Shahat ugwetshwe unyaka ebhadla ejele kodwa walengiselwa lesi sigwebo, wabe esephinda ehlawuliswa u-R39 601.

NgoLwesine, iNkantolo yamacala okungaziphathi kahle yaseNasr City igwebe umdlali u-El-Shahat kulandela ukushaya kwakhe u-Mohamed Chibi wePyramids ngasekupheleni konyaka odlule.

Lesi sinqumo silandela isikhalo esifakwe uChibi mayelana nesehlakalo sosuku lokugcina lwemidlalo yesizini edlule.

IPyramids FC yashaya i-Al Ahly ngo 3-0 kulo mdlalo owawungasenamcoco kwazise iRed Devils yayivele seyisidlile isicoco seligi.

Nokho, njengenjwayelo uma kubhekene lamaqembu, isimo sasishubule futhi abadlali bechukuluzana.

Nokho ngemuva kokuphela komdlalo uHussein El-Shahat wabonakala eshaya uChibi ngolabhabha wempama. 

Wabe esesola lo mdlali odabuka eMorocco ngokuthi wakhuluma amazwi ayiziswana edelela yena nomndeni wakhe.

Ngenxa yalokhu, i-Al Ahly ikhiphe isitatimende esisemthethweni imemezela ukuthi u-El-Shahat uhlawuliswe u-R198 007. 

Ngaphezu kwalokho, u-El-Shahat uphinde wahlawuliswa u-R87 yinhlangano eyengamele ibhola e-Egypt.

Nokho akumenelisanga lokho uChibi ubesazimisele ngokufaka isimangalo enkantolo ngalo mdlali. 

Wafaka icala lokuthi isenzo sika-El-Shahat, owayesolwa ngumdlali waseMorocco ngokuhlukumeza, ukushaya, ukuthuka, ukudicilela phansi isithunzi, ukusabisa, nokusabisa ngokulinyazwa ngokomzimba nangokwengqondo. 

Uthi isithunzi sakhe salimala kakhulu ngokusabalala kwevidiyo eveza eshaywa ngempama. 

Isinqumo senkantolo besimi kanje: “Inkantolo yaseNasr City igwebe uHussein El-Shahat unyaka owodwa ebhadla ejele (kodwa) isigwebo silengisiwe.

“Inhlawulo kuzoba u-EGP 100 000 (R39 601), futhi uzovinjelwa iminyaka emihlanu engasayinwa kunoma yiliphi iqembu.”

Njengamanej lo mdlali, obedlala noPercy Tau wakuleli phambili kwi-Al Ahly, njengoba eneminyaka engu-31.

Lokhu kusho ukuthi isigwebo sokumiswa siyophela eseneminyaka engu-36, okungacaci ke ukuthi likhona yini iqembu eliyobe lisamfuna ngaleso sikhathi.

Phela uzobe eseneminyaka emihlanu engalidlali ibhola elikhokhelayo ngaleso sikhathi.