EzintshaMotsepe Foundation Championship

Usihlalo welePSL ucabanga ukulidayisa iqembu

Ukhala ngokuthi kunezinto ezenzeka esithe, ezenza ukuphatha iqembu ezigabeni ze-PSL kube nzima, ikakhukukazi esigabeni seMotsepe Foundation Championship. 

Usihlalo weqembu elidlala ezigabeni ezikhokhelwayo eziphethwe yiPremier Soccer League (PSL) kuleli, useveze ukungenami kwakhe.

Empeleni nje lo sihlalo wePretoria Callies usenomcabango omfikele wokuthi mhlawumbe avele alidayise iqembu ukuze athole ukuthula empilweni yakhe. 

UMoses Malada, ukhala ngabantu abenza izinto ngendlela yabo ukuze bafeze izinhloso zabo kulesi sigaba iqembu lakhe elidlala kuso. 

Kumanje iCallies ibhekene necala eselidluliselwe ezinhlakeni zeSafa ukuthi kube yizo ezilulungisayo.

Isolwa yiNB La Masia edliwe yizembe ulesi sigaba ngokuthi isebenzise umdlali obezijike iminyaka yakhe ukuze abe mncane.

Kulesi sigaba kunomthetho othi amaqembu kumele adlalise abadlali abathathu abaneminyaka engaphansi kuka-23, futhi ngaso sonke isikhathi laba badlali kumele babe senkundleni. 

ICallies isolwa ngokusebenzisa uXolani Sithole osebenzise isitifiketi ahambe wayosishintsha kwandabazantu ukuze ehlise iminyaka. 

Udlale imidlalo ecela eshumini kwiCallies, kanti uma ingatholwa inecala, kungasho ukuthi kumele iphuzwe amaphuzu eyawathole kule midlalo ayidlala.

Lokho akungabazeki ukuthi ingazithola seyisezembeni, manje uMalada uxoxe nabeFARPost eveza imizwa yakhe ngale nkiyankiya. 

“Okwamanje ngisekhona ebholeni. Kodwa kunezinto eziningi ezenzeka ebholeni ezikwenza ucabange kaningi,” kusho uMalada. 

“Akusewona umdlalo manje, futhi angazi kumele ngikubize ngani ngoba uma alisekho iqiniso. 

“Yizinto eziningi ezingenza ukuthi noma ungaba neqembu elihlangene kahle, elicijwe kahle…

“Wenze zonke izinto ngendlela efanele, udlale ngeqiniso nangokwethembeka uzithole sewuhlulwa ngenxa yezixhwanguxhwangu.”

Ube eseveza ukuthi yize engakaphumi nesinqumo esigcwele, kodwa sekukhona emqondweni wakhe ukuthi avele aphume ebholeni. 

“Yinto umuntu ayicabangayo leyo, ngabe kusafanele ahlale ebholeni? 

“Kodwa enginesiqiniseko ngakho wukuthi umuntu useqiniswa wukuthi iligi (iPSL) yenza okusemandleni ukuthi izinto zihambe ngendlela efanele. 

“Thina njengabaphathi bamaqembu kumele sikuvume ukwehluleka kwethu sikulwele nokuphumelela kwethu kodwa ngezindlela ezifanele. 

“Ngeke uhlezi unqamulela njalo kulo mdlalo. Ngeke kusise ndawo singamaqembu nabadlali bethu ngokunjalo,” kusho yena.