Usakhala ngothando uRulani Mokwena kwiDowns
– Sibongiseni Gumbi
URulani Mokwena usephinde wakuveza ukuthi akazizwa ethandwa ngendlela efanele kwiMamelodi Sundowns angumqeqeshi.
Uze wenza umzekelo ngendlela umqeqeshi obesebenza kwiLiverpool edlala kwi-English Premier League abethandandwa ngayo kuleli qembu.
Njengoba eneminyaka engu-37, uRulani Mokwena ube nesizini emangazayo neSundowns.
Uyinqobise isicoco sesikhombisa kulandelana seDStv Premiership kusasele imidlalo eyisithupha kusongwe iligi.
Wayekade eqale ngeCaf African Football League ebidlalwa okokuqala amaqembu akhethekile ngasekupheleni konyaka odlule.
Yize kunjalo, kubukeka kubhekwa amabala kuphela kuye njengoba ukuhlulwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 kuyinto enkulu.
Ukwehluleka ukufika kowamanqamu kwiCaf Champions League nakho akumsizanga ngalutho.
Namanje ubhekwe ngabomvu ukuthi uzokwenzenjani kowamanqamu weNedbank Cup azowudlala nePirates eMbombela Stadium ngoMgqibelo.
Seziqalile izinkulumo zokuthi uma engakhala ngaphansi, abaphathi bengayicabangisisa indaba yekusasa lakhe.
Bekuvele kuke kwavela ukuthi abeneme ngendlela iqembu elidlala ngayo yize livamise ukubhubhisa konke okuphambi kwalo.
Nokho ekhuluma ngaphambi komdlalo weNedbank Cup, ukuchithile ukuthi unengcindezi, kodwa wavuma ukuthi akajatshulelwa njengoKlopp.
“Ngingathanda ukuhlala kwiSundonws iminyaka eyisishiyagalombili noma isishiyagalolunye…
“Ngenze njengoPep (Guardiola) noma u(Jurgen) Klopp. Ngingakujabulela lokho, ngiyayithanda iSundowns.
“Ngiyayithanda le kilabhu. Ngikwenza konke okusemandleni ukufukula le kilabhu nokujabulisa abalandeli.
“Kodwa kwesinye isikhathi ngiyaye ngizitshele ukuthi, ‘angicabangi ukuthi kungenzeka’.
“Angiboni ukuthi ngiyoke ngihlale iminyaka eyisishiyagalombili, noma eyisishiyagalolunye njengoPep.
“Lokho kungenxa kokuthi uma sikhuluma iqiniso nje wukuthi kuzomele kudlule amasizini amabili ngingayinqobile iChampions League.
“Kuzokwenzeka kudlule unyaka noma emibili ngingayinqobanga iligi.
“Angazi ke ukuthi isimo siyobanjani uma ngiphinde ngiqeda enye isizini ngingayinqobanga iChampions League.
“Uma ubheka uPep kwiMan City, eminyakeni eyisishiyagalombili usayinqobe kanye iChampions League.
OLUNYE UDABA: UKhoza usebenzile ngokupusha eyeCaf, kusho uJomo Sono
“Futhi kukhona namasizini la angayinqobanga khona neligi. Kodwa usehlale iminyaka eyisishiyagalombili…”