DStv PremiershipEzintsha

UMorgan Mammila usefuna iqembu ‘elihlelekile’

Kulandela ukuxoshwa kwakhe isigubhukane kwiChippa United, uMorgan Mammila usegudle leli qembu ethi usefuna ukuyosebenza eqenjini elihlelekile.

Izindaba zokuthi uMorgan Mammila useshaywe ngesithende kwiChippa zivele ekuqaleni kwaleli viki.

Uziqinisekisile naye ekhuluma nabeMetro FM, waveza nokuthi akuyena uSiviwe “Chippa” Mpengesi omxoshile. 

Wathi uxoshwe abathile abazitshela ukuthi yibo abaphetyhe iChippa. Akabalanga gama lamuntu kodwa izinsolo zikhombe oThabo September noKwanele Kopo.

Phela uMammila ubesebenza nalaba baqeqeshi, engumphathi wabo kodwa ehlala nabo ebhentshini. 

Bekubukeka konke kuhamba kahle, kodwa manje njengoba esengaphandle useqalile ukujikijela amatshe.

“Sengike ngakuzwa ukusebenza neqembu leTop 8 kwi(Moroka) Swallows,” kusho uMammila kwi-iDiski Times.

“Bengicabanga ukuthi leli qembu lizongifakela inhlanhla iTop 8 ingilandele. 

“Manje ngidinga ukuya eqenjini elizojabulela ukuba kwiTop 8, iqembu elikwaziyo ukuhlela izinto zalo,” kusho uMammila.

Yize engaphumelanga obala ngokuthi uzosebenzaphi ukusuka lapha, kodwa uthe yena ngeke awuswele umsebenzi ebholeni ngoba ungena ezindaweni eziningi.

“Ngingumuntu onenhlanhla, ngingaba umqeqeshi, ngibe umphathi wethimba labaqeqeshi, ngibe imenenja, noma ngisebenze nabalandeli. 

“Ngenze izinto eziningi kakhulu (ebholeni,” kuchaza le nsizwa edabuka eLimpopo.

UMorhan Mammila kumanje ungomunye wabaqeqeshi abasanda kuphothula izifundo zeCaf B Diploma. 

Lezi zicucu ziyamvumela ukuthi ahlale ebhentshini eqenjini lePSL ngoba yizo ezidingekayo. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, kungenzeka abuyele kwiBaroka FC aqala ukwaziw akuyo eyisikhulu esiphezulu eminyakeni embalwa edlule. 

Leli qembu kumanje lizilungiselela imidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiDStv Premiership njengoba liphelele endaweni yesithathu kwiMotsepe Foundation Championship.