UKhoza usebenzile ngokupusha eyeCaf, kusho uJomo Sono
UJomo Sono ubonga u-Irvin Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates ngokugqugquzela osihlalo bamanye amaqembu adlala kwiDstv Premiership ngokuqonda ukubaluleka kokudlala emiqhudelwaneni yeCaf.
Ekhuluma neLisenethini, uJomo Sono uveze ukubaluleka kweCaf Champions League neConfederation Cup ekukhuliseni izinga lebhola.
“Mina ngaqala ukudlala kwiCaf ngo-1993 lapho iJomo Cosmos yadliwa yizembe ngawo lowo nyaka.
“Iqiniso nje, kwabe kungokokuqala sibona umhlaba omusha ebholeni lase-Afrika njengoba leli zwe lalidingisiwe,” kusho uSono.
“Ngahamba ibanga elide kakhulu kodwa ngiyakhumbula ukuthi ngakhishwa yiZamalek FC yase-Egypt.
“Yayigadla ngo-Emanuel Amunike waseNigeria ngaleso sikhathi,” kukhumbula yena.
“Kodwa ngakhula kakhulu ngalowo nyaka noma iCosmos yadliwa yizembe nje.
“Ngahlukana nabadlali abaningi engabadayisela uKhoza (kwiPirates) abafana noHelman Mkhelele, Mark Fish, Linda Buthelezi, Innocent Mcwango, Eugene Zwane, Chris Mwakapuki, noTony Catano.
“Ngakhuluma noKhoza ngobumqoka bemidlalo yeChampions League.
“Ngambona ukuthi wahamba ngendlela engamtshela yona uKhoza njengoba ngo-1995 wayinqoba iCaf Champions League,” kubeka uJomo Sono.
“Wavulela iMamelodi Sundowns indlela, ngamplea igcine ihlabene ngesicoco seChampions League.
“Namanye amaqembu amancane alandelile afana noBlack Leopards, AmaZulu FC, Royal AM, Sikhukhune United, Marumo Gallants, neSuperSport United.
“Kumanje ubonile ukuthi kube nombango omubi phakathi kwePirates neStellenbosh FC, bebanga indawo yesibili kwiligi.
“Lokhu kusho ukuqonda kabanzi nokulambela ukudlala kwiChampions League namanye amaqembu aqhamuka kuyo yonke i-Afrika.
“Uzokhumbula ukuthi abantu bayakhohlwa ukuthi iKaizer Chiefs yanqoba iMandela Winners Cup.
OLUNYE UDABA: UMorgan Mammila usefuna iqembu ‘elihlelekile’
“Kodwa angazi ukuthi uKaizer Motaung wahlehliswa yini emiqhudelwaneni yeCaf,” kusho uSono.