Ezintsha

IBAMBE NGAKHO: I-PSL ijikelwe yimfene efuywe yiyo

Ungethuki uma sekuphuma umlayezo ophuthumayo ngeSonto uthi imidlalo yokuhlunga yePremier Soccer League (PSL) ngeke iqale ngeSonto.

Imidlalo yokuhlunga yePremier Soccer League (PSL) kubhekwe iqale ngeSonto ntambama kodwa sekungenzeka imiswe. 

Okungenza le midlalo imiswe wukuthi kusenamacala athinta amaqembu azodlala le midlalo okusamele aqulwe, aphothulwe.

La macala angayijika yonke into ehlelwe yi-PSL ngoba angasho ukuthi kunamaqembu adliwe yizembe okumele abuye, nasengene kweyokuhlunga okumele ajike.

Kodwa ke njengomuntu oseyazi kahle i-PSL nendlela eyenza ngayo izinto, ngeke ngithuke uma iqhubeka nale midlalo yize kusenalamacala. 

Into engijabulisa ngaphakathi wukuthi ijikelwe yimfene efuywe yiyo. Kungani ngisho kanje, ngiyakuzwa uzibuza.

Phela wonke lamacala aqhamuka ngenza yemithetho le nhlangano ephethe ibhola elikhokhelayo kuleli okukade ikhuzwa ngayo. 

Owokuqala owamaqembu adliwa yizembe nanyukayo ezigabeni zombili zayo – iDStv Premiership neMotsepe Foundation Championship. 

Sekukaningi kukhalwa ngokuthi i-PSL ayiyiyeke lento yokuthi kube nemidlalo yokuhlunga kodwa kuvele kube nohlelo olucacile lokwenyuka nokwehla kwamaqembu. 

Kungashona ilanga lize liphinde liphume uma ngongachaza ukuthi kungani lo mthetho ungajabulisi. 

Kodwa engingakusho ngokushesha wukuthi iPSL ‘iyabhenefitha’ njengoba abakamabonakude beyikhokhela ngale midlalo yokuhlunga. 

Owesibili yilo wabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23 amaqembu esigaba seMostepe Foundation Champions aboshelwe kuwo.

Lona ke nje angiwuzwa nhlobo ngoba ayikho into eNingizimu Afrika engenamsebenzi njengalo mthetho. 

Lo mthetho uthi iqembu ngalinye alibe nabadlali abathathu abaneminyaka engaphansi kuka-23 emdlalweni ngamunye.

Inhloso? ‘Wukuthuthukisa’ abadlali abasebancane. Kodwa ngabe bayabhekwa yini uma sekuqokwa amaqembu esizwe abadlali bale minyaka? Ungafa!

Okwenzayo lo mthetho wukwakha abadlali abaziyo ukuthi noma bengavilapha, bazodlala ngenxa yalo mthetho ophoqa iqembu nomqeqeshi ukuthi badlale.

Manje yiyo ke le mithetho yomibili esifana nemfene oyifuyela ukugila omakhelwane, kodwa bese ijika ithi ake ngizicije ngokuqala khona la ekhaya.

Mina ke nje ngowakwaGumbi le eNtabamhlophe, eMtshezi ongashi ngizosho ngelikhulu iqholo amagama ayeshiwo ubaba osewadlula, uND Durban: Ibambe ngakho!