EzintshaNedbank Cup

Ukuqonda kahle ababhekene nakho kwiDowns uJose Riveiro

UJose Riveiro akaboni ukwehluleka kweMamelodi Sundowns ukuqeda isizini ingahlulwanga kwiDStv Premiership.

ISundowns izokwamukela ezikaJose Riveiro, i-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

I-Cape Town City yiyo eyavimbela iSundowns ukuqopha lo mlando wokuba yiqembu lokuqala kwiligi yakuleli ukuqeda imidlalo lingehlulwanga. 

“Ngifisa ngathi ngingaba kulesi simo la ngizohlulwa khona umdlalo owodwa (weligi) ngesizini,” kusho lo mqeqeshi ngoLwesine. 

“Angazi ukuthi ukucishe ungashayeki kukunikani ngokokuzethemba.

“Sesibhekanile nabo izikhashana ezimbalwa, futhi bayiqembu elikhulile impela  ngokwezinga.

“Kimina, lokho yiyona nto eyisikhali esinzima sabo. Angicabangi ukuthi (ukwehlulwa kanye kweyeligi) kuzobaphazamisa.” 

IPirates isike yayishaya iSundowns emdlalweni wendebe kule sizini njengoba yayigoba kowamanqamu kwiMTN8. 

“Ngicabanga ukuthi sonke singavumelana ukuthi njengamanje lona yiwona mdlalo omkhulu ongawudlala kuleli,” kwengeza uRiveiro.

“Abadlali bayakwazi lokho. Zombili izinhlangothi ziyabazi ubunzima bomsebenzi ozihlalele.

“Ngakho noma ngabe yiliphi iqembu elizonqoba owamanqamu kuzomele lizinikele ngokuphindiwe, ngale kwalokho ngeke kubalungele. 

“Yithuba labo lokuphinde basifakele inselelo komunye umdlalo wamanqamu. Sigcina ukuhlangana, kwalungela thina. 

“Uma iPirates ihluleka ukuphinde inqobe umdlalo wamanqamu weNedbank Cup ngeke kube yingoba ayizilungiselelanga.

“Lokho mhlawumbe kuzwakala njengokuzazisa, kodwa sizilungiselele.

“Sizizwa sengathi sikulungele konke okuzodingeka kithi emdlalweni.

“Lokho siyakwenza kuyo yonke imidlalo, kodwa ikakhulukazi lona, kuningi okuzobe kwenzeka kule mizuzu engu-90. 

“Ukukwazi ukuqonda ngaso sonke isikhathi okwenzekayo kule mizuzu engu-90, noma engu-120 uma kufika lapho, kubaluleke ngakhulu.

“Siyakuqonda ukuthi sibhekene neqembu elihle kakhulu futhi kuzoba nezikhathi la sizobe singawulawuli umdlalo, futhi sizogqilazeka. 

“Ukulwa kwethu esikhathini esinjalo kubaluleke kakhulu, ukuze samukele izikhawu ezinjalo, zingasimangazi. 

“Siyiqembu elijwayele ukuphatha ibhola amaphesenti angu-60 kuya ku-65 womdlalo.

“Kodwa kulo mdlalo kuzodingeka sabelane ngebhola nezimbangi zethu. 

“Uguquko oluzofika nabasuka ebhentshini nhlangothi zombili luzoba wukhiye,” kuchaza uJose Riveiro.