UBroos uthi ugabe ‘ngomlingo’ kaMofokeng kwiBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos useveze isizathu esimenze ukuthi afake umdlali osemncane, uRelebohile Mofokeng eqenjini lakhe.
UHugo Broos unemidlalo emibili ebalulekile yokuqala umkhankaso wokulwela ukungena eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
Ukufaka kwakhe uMofokeng kuleli qembu azodlala ngalo le midlalo kusho lukhulu ngalo mfanyana we-Orlando Pirates oneminyaka engu-19.
“UMofokeng unokuthile, ongeke ukuchaze, kodwa uhlala ekhona,” kusho uHugo Broos.
“Akagcini nje ngokwenza umsebenzi wakhe wokuhlasela kodwa wenza nomsebenzi wokusiza ukuvala emuva.
“Futhi akukho la eke ehlise khona izinga, kuyo yonke imidlalo, usuke ephithizela, ezimisele.”
Uthi yize selibonakele ikhono likaMofokeng, futhi lingasangatshazwa, kodwa kuzomele amsebenzise ngesinono.
“Ngabadlali abasebancane, kufanele uhlale ucophelele… Kusukela edlala okokuqala kwiPirates wonke umuntu wabona ukuthi ‘hhayi’ lo mfana muhle kakhulu.
“Ungaba nesikhathi esihle kakhulu futhi ube nesikhathi esingesihle kodwa kuyena bekungekho isikhathi sokwehlisa yonke imidlalo ayidlalile.
“Unokuthile, ongeke ukuchaze, kodwa uhlezi ekhona. Akenzi nje umsebenzi wakhe ohlaselayo futhi wenza umsebenzi wokuvala emuva.
“Lapha asisho ukumaka nokufaka unyawo, kodwa indlela avala ngayo izikhala yinhle impela.
“Simhlaziye kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi kuzoba ukusangana ukuthi ngingahambi naye manje.
“Noma ngabe uneminyaka engu-19 kuphela, noma engenalo ulwazi lwamazwe ngamazwe…
“Kodwa ngelinye ilanga kuyodingeka asicoshe lesi sipiliyoni samazwe ngamazwe azosithola (kule midlalo ezayo).
“Ngeke abe nathi njengomdlali ozoqala umdlalo, kodwa mhlawumbe uma izinto zingahambi kahle emdlalweni, ungamfaka emizuzwini engu-20 yokugcina.
OLUNYE UDABA: Ukuqonda kahle ababhekene nakho kwiDowns uJose Riveiro
“Kwazi bani, mhlawumbe ungumuntu ongakwazi ukusijikela izinto, sizuze okuthile.”