USteve Komphela ‘ugudle’ uMokwena noRamovic ngempi yabo
Kusale kancane ukuthi uSteve Komphela, ongumqeqeshi weGolden Arrows, athi bagula ngamakhanda ozakwabo abaxabene.
Kusuke esinamathambo ebholeni elikhokhelayo kuleli abaqeqeshi, oRulani Mokwena weMamelodi Sundowns, noSead Ramovic weTS Galaxy besho ukbambana ngezandla.
Laba baqeqeshi abezwani nhlobo futhi bayehluleka ukukufihla lokho ngisho bephambi kwabantu.
Ebuzwa ngale mpi, uSteve Komphela, ongumqeqeshi weGolden Arrows, uphendule ngale ndlela yakhe yokucashisa akuqondile.
“Anginalo nelincane ilungelo lokutshela abanye abaqeqeshi ukuthi kumele baziphathe kanjani…
“Uma ngingaqala ngithi ngiyabatshela ukuthi abaziphathe kanjani, bazojika bathuke mina.
“U(bekungazwakali usho bani kodwa owaphesheya) yena okwakhe ngakubeka kwacaca ukuthi uzigulela ngekhanda.
“Kodwa le yalaba basekhaya (uMokwena noRamovic) yoxovana kwabo…
“Sithule siyabuka nje ngoba kuyishwa ukuthi kulezi zikhundla esikuzo…
“Sisezikhundleni zobuholi, futhi kulezi zikhundla esikuzo singabantu abayisibonelo, singabantu okubukelwa kubo.
“Uma ungumqeqeshi, bese uba yisibonelo esingesihle, lokho akulungile,” kuchaza uSteve Komphela.
“Uma ungumqeqeshi okubukelwa kuye, kodwa ungabi yisibonelo esihle, awubathuthukisi labo ababukela kuwe.
“Singakwazi ukuba yisibonelo esihle noma sisezimweni ezinzima.
“Ngoba uma umqeqeshi ebhekene nesimo esinzima, kodwa akwazi ukuqinisa ubuso, baziphathe ngendlela enenhlonipho…
“Uzobe enikeza ithemba kubantu ababhekene nezimo zokuhlushwa.
“Phela ibhola – njengoba ngihlezi ngisho – liyisibuko sokwenzeka emphakathini.
“Uma umqeqesi, kuleli zinga akulo, ehluleka wukubeka isibonelo esihle ngokuziphatha kahle kule ndawo akuyo…
OLUUNYE UDABA: Sekukhale izembe komunye wabaqeqeshi beChippa
“Okusho ukuthi uyabulala kunokwakha isizwe,” kuchaza uSteve Komphela.