Ezintsha

UMuchichwa usesabawela ukuqeqesha kwiSuper League

UNtombifuthi “uMuchichwa” Khumalo, ongumqeqeshi we-Edendale Technical High School yaseMgungundlovu ukhala ngokudliwa kwamandla akhe ebholeni.

Engxoxweni ekhethekile neLisenethini, uMuchichwa usilandise ngemvelaphi yakhe kwezemidlalo. 

Usitshele ukuthi uqale ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu kwiMaritzburg City ngaphambi kokunyukela esikhundleni sokuqeqesha kodwa eyibamba. 

“Ngigcine sengingumqeqeshi weMaritzburg City ngokugcwele,” kusho yena.

“Kwahamba isikhathi yaphela ngenxa yokunganakwa kwebhola labesifazane kuleli.

“Ngabe sengiqashwa yiDurban Ladies ngafika ngayikhuphula ngayifaka kwiSasol Womens League le namuhla esibizwa ngeHollywoodbets Super League.

“Kodwa abaphathi bayo namuhla abakugqamisi ukuthi leli qembu lila likhona nje amandla ami. 

“Bangidlela amandla ami ngiphila baqhakambisa abantu abangeyenzelanga lutho iDurban Ladies,” kuchaza yena.

Uthe ngendlela ayezinikele ngayo emsebenzini wakhe, waze wemukela ukusebenza lingekho iholo.

“Mina bengingaholi kodwa bengiqhutshwa wuthando lwebhola. 

“Kodwa manje ngoba sekukhona imali ebholeni, abaphathi basishaya ngesithende bafaka abangani babo,” kusho uMuchichwa. 

Ube esengena kwele-Edendale Technical School asanda kunqoba nayo iCaf African Schools Championship ebiseTanzania.

“Mina nginothando lokusebenza nabantwana abancane ngoba bayafundiseka kalula ngoba bayalalela. 

“Ngiyazigqaja kakhulu ngezingane zase-Edendale Technical High School ngokuthi sezimele leli zwe njalo selokhu kwaqala lo mqudelwano ngo-2022.” 

UMuchichwa uphinde watshela iLisenethini ukuthi ubekhona eqenjini lesizwe labantwana abaneminyaka engaphansi kuka-17 abanqoba iCosafa Championship. 

Uphethe ngokuthi njengamanje usesabawela ukuqeqesha iqembu elidlala kwiHollywoodbets Super League.

Usevele ke unazo izicucu zokuqeqesha zeCaf futhi usazimisele nokuzikhuphula aze agcine eneziphezulu.