Ezintsha

UMorgan Mammila ubhokoka ngokuxoshwa kwakhe kwiChippa

UMorgan Mammila usekuqinisekisile ukushiya kwakhe kwiChippa United, waveza izinsolo zokuthi kukhona abamhambe ngemuva.

Lo mqeqeshi uqale isizini engumqeqeshi oyinhloko kwiChilli Boys, wasiza iqembu laqoqa amaphuzu angu-18 emidlalweni engu-16. 

Nokho, ngemuva kokwehlulwa kulandelana yiPolokwane City neTS Galaxy ngoDisemba, izembe likhalile kuye.

Akazange axoshwe kodwa wasuswa ekuqeqesheni, wabekwa njengomphathi wethimba labaqeqeshi. 

Kube sekuqashwa uThabo September noKwanele Kopo njengabaqeqeshi baleli qembu.

Ekhuluma kwiSportsNight AMplified, uMorgan Mammila ukuqinisekisile ukuthi useyishiyile ngokusemthethweni kwiChippa United. 

“Yimina kuphela umqeqeshi oqale futhi waqeda isizini kwiChippa United,” usho kanje.

UMorgan Mammila wayeke wakusho lokhu ngaphambi kokuqala kwesizini, ukuthi ufuna ukuqopha lo mlando.

IChippa idume ngokusheshe ibaxoshe abaqeqeshi, kodwa uMammila yena ukwazile ukuhlala isizini yonke.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi mina nomngani wami (uChippa Mpengesi0 asisasebenzi ndawonye.

“Mina neChippa United asisasebenzisani.”

Ebuzwa ukuthi uthole kanjani ngokuxoshwa kwakhe, uMammila akafunanga ukudalula igama noma amagama kodwa wagcizelela ukuthi akuyena usihlalo weqembu, uSiviwe ‘Chippa’ Mpengesi omtshelile.

“Uma ngikhuluma iqiniso, akuyena usihlalo ongixoshile,” kwengeza yena.

“Akuyena ongixoshile, abantu abaphethe ikilabhu nsuku zonke bebecabanga ukuthi ‘mhlawumbe, asithathe enye indlela’.”

Yize engalivezanga igama, kuyacaca ukuthi yindodana kaMpengesi uSandiso Mpengesi emxoshile ngoba yiyona esiphethe iqembu.