Ezintsha

IChiefs naMaZulu embangweni ovuthayo womdlali

Sesiphinde safika leso sikhathi semibango yamaqembu, ebangisana ngabadlali abenze kahle ngesizini edlule. 

Imibiko yakamuka iveza ukuthi iKaizer Chiefs naMaZulu FC basembangweni ovuthayo wokusayina omunye walaba badlali. 

Kuvela ukuthi womabili lamaqembu axine kanzima iPolokwane City ukuthi iwadedelele u-Oswin Appollis.

Kunemibiko ethi Amakhosi asiqaphe ngeso lokhozi isimo sika-Appollis futhi sekunesikhashana emlandela. 

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ushaye amagoli ayisikhombisa kule sizini futhi ubengomunye wabagqamile kwiPolokwane City. 

Ngokombiko weSportswire, iKaizer Chiefs naMaZulu baphambili emjahweni wokusayina u-Appollis.

Inkontileka ka-Appolis neRise and Shibe siphela ngoNhlangulana ka-2026 kanti iqembu elimfunayo komele lingene ephaketheni, limthenge. 

Lo mdlali, ophume esikhungweni sokucija amakhona seCape Town Spurs eBishop Lavis, ujoyine iPolokwane ekuqaleni kwesizini ka-2023/24 esuka kwiPretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship.

“IKaizer Chiefs naMaZulu basembangweni oshisayo wokusayinisa isihlabani sePolokwane City u-Oswin Appollis,” kubika iSportsWire. 

“Womabili la makilabhu kunamahlebezi okuthi aseke avela ukubuza ngokutholakala kwalo mdlali oneminyaka engu-22, onenkontileka nePolokwane kuze kube ngu-2026,” kwengeza lo mbiko.