Ezintsha

UJohnson neseluleko kwiChiefs ngo-Itu Khune

U-Itumeleng Khune useqede iminyaka engu-25 ekwiKaizer Chiefs futhi iqembu limemezele ukuthi lizomhlonipha emdlalweni walo owandulela owokugcina kule sizini.

Nokho okwenzeka kulo mdlalo – ukupha u-Itumeleng Khune izithombe ezimbili zokohlobisa – kubukeke kwabi kwabaningi. 

Omunye wabakubeka kwacaca ukuthi abahambisani nalokhu nguJunior Khanye owake wadlala kuleli qembu. 

UKhanye wakhala ngokuthi ukube abalandeli abazange bazicelele ukuthi adlaliswe uKhune kulo mdlalo ababambana kuwo ngo 0-0 nePolokwane City, ngabe wagcina engangenanga. 

Manje nomqeqeshi obambile kwiChiefs, uCavin Johnson useveze owakhe umbono ngakubona kufaneke kwenzeke ngoKhune.

“Uma ubheka noma kephi emhlabeni, uma umdlali esehlale iminyaa engu-25 eqenjini elithile… 

“Futhi kulokho kuhlala kwakhe walisiza kunqoba imidlalo, ukunqoba izindebe… 

“Engisakubonile manje (kwenzeka ngoKhune) akukhona okwenzeka kwezinye izindawo,” usho kanje uJohnson.

Ubekhuluma kwabezindaba ngemuva komdlalo wokugcina weChiefs la ihlulwe khona yiCape Town Spurs ebisivele izidlelwe yizembe. 

“Kwezinye izindawo, sengie ngabona abantu besukuma uma bebona umuntu ofana nalowo. 

“Ngakho yilokho engimucelela khona ngokuzayo – ukuthi uma engena enkundleni, abantu basukume bambingelele. 

“Ngeshwa lelo siko asinalo kuleli. Kodwa uma kwenzeka into enjalo, ikwenza uziqhenye ngokuba yinkakha yalelo qembu onikezele kulo iminyaka engu-25 yempilo yakho.

“Ngakho ngokuzayo uKhune engena enkundleni, kumele kutshelwe abalandeli basukule, bamhloniphe.

“Lapho ke uyobe sewumnika lokho okumfanele – ukuhlonishwa ngokuba yinkakha yeqembu ekhethekile.” 

Kubhekwe ngabomvu ke ukuthi u-Itumeleng Khune uzophelelaphi njengoba iChiefs yakucacisa ukuthi isizini yakhe yokugcina lona edlala.