Ezintsha

Ugxeka umjiko ongenanzuzo u-Arthur Zwane weChiefs

U-Arthur Zwane, ongomunye wabaqeqeshi bezinkulisa kwiKaizer Chiefs, ukholwa wukuthi kumele abadlali bePSL bafundiswe ngebhola elidlalwa namuhla okungelebhizinisi. 

Sekube nezimpikiswano eziningi ebholeni lakuleli ngabadlali abakhonze ukubukisa ngokushaya izitayela ezivamise emigwaqeni yasemalokishini. 

Lezi zitayela zibukeka sezingene nasemaqenjini ezinkulisa zamaqembu eDStv Premiership adlala kwiDStv Diski Challenge. 

U-Arthur Zwane, oke waqeqesha iqembu leDDC kwiChiefs, waphinde wangena nakwelikhulu, useveze umbono wakhe ngalo mjiko wokubukisa.

“Laba badlali abathanda umjoko wokubukisa kumele bafundiswe ukuthi ngeyokwenzani enkundleni,” kusho lo mqeqeshi. 

UZwane ubelumana indlebe neLisenethini ngabadlali abathanda ukushaya umjiko njenhloso yokubukisa. 

“Ibhola namuhla liyibhizinisi ngakho kumele abadlali bakuqonde lokho. 

“Uma ngabe umdlali eshaya umjiko wokubukisa phakathi nenkundla umdlalo uqala, kusho ukuthi lowo mdlali uzosheshe akhathale.

“Usuke ezokhathala kungakapheli nemizuzu engamashumi amabili umdlalo uqalile ngoba uzigqilaza ngokwenza izinto ezingenasidingo.

“Umdlali kumele ayisuse imbangi phambi kwakhe uma ngabe kunesidingo kuphela ngokusebenzisa ikhono lakhe lomjiko,” kusho uZwane.

Khonamanjalo, kunabadlali abaningi abakhiqizwe nguiArthur Zwane abenza kahle eqenjini elikhulu kwiChiefs.

Kubo singabala oNkosingiphile Ngcobo, uHappy Mashiane, uMduduzi Shabalala, noMfundo Vilakazi.

“Labo badlali abasebancane bayawushaya umjiko, kodwa abaqeqeshi kumele babakhuze, babakhumbuze ukuthi kuleli zinga abakulo kudlalwa kanjani.” 

Ngesikhathi eqeqesha iqembu elikhulu, uZwane usolwe kakhulu ngokuqinisa isandal kubadlali njengoba ebengayifuni into angayifundisanga. 

Yize bebekhona abadlali abayiqhelisayo imbangi phambi kwabo, lokho bebekwenza ngokuhlonipha uhlaka lokudlala lweqembu.