DStv PremiershipEzintsha

Sizoqina isitolobho kwabeCity, uTinkler akazwile

Izojikwa indlela okubhekwa ngayo abadlali abasayinwayo kwiCape Town City esikhathele wukuba yinkulisa yamanye amaqembu, ngokusho kuka-Eric Tinkler.

Lokhu u-Eric Tinkler ukuveze ngemuva kokuthi ezakhe zidonse kanzima emzuliswaneni qesibili kwiDStv Premiership kule sizini. 

Yize engalibekanga ngembaba, kodwa usola ukuthi kunabadlali abagcina bengasazinikeli ngoba bazi ukuthi bazoya kwamanye amaqembu ngesizini ezayo.

“Abadlali akumele basibone siyisitebhisi sokunyukela emaqenjini angcono nje kuphela,” kusho u-Eric Tinkler.

“Ayikho into embi ngokuba nezifiso ezinkulu, nokufisa ukuya ezindaweni ezingcono.

“Akukho okubi kulokho. Kodwa kumele ukhumbule ukuthi sikulethe eqenjini ngoba siyiqembu elifuna ukunqoba izindebe.” 

Emzuliswaneni wesibili, iCape Town City idlale imidlalo engu-11 inganqobi, yaze yagila izimanga kowokugcina.

Kulo mdlalo ishaye iMamelodi Sundowns ebibheke ukuqopha irekhodi lokuqeda imidlalo yeligi yesizini yonke ingazange ihlulwe. 

“Indlela yokucabanga kumele ijike. Kumele bazi ukuthi uma beza kwiCity, beza eqenjini elifuna ukuqeda kwamane aphezulu kwilogi. 

“Siyiqembu elifuna ukudlala imidlalo yamanqamu, siyiqembu elifuna ukulwela isicoco seligi.

“Uma uzozinikela kukho konke lokho, usazolithola ithuba lokwenyukela emaqenjini angcono kodwa lokho akumele kube yikho okuphambili ekucabangeni kwakho. 

“Okubaluleke kakhulu wukuthi ukwiCape Town City futhi kumele ufune ukunqoba izindebe neCape Town City.”

Uthe uma sebebheka abadlali azoqinisa ngabo iqembu ngesizini ezayo, uzoqinisekisa ukuthi lezi zinto azibalile zibalulekile kulowo mdlali.

“Kumele sisiqinise kakhulu isandla, ikakhulukazi mina ngoba ekugcineni yimi ozoxoshwa uma kubheda izinto… 

“Ngakho kunesidingo sokuthi ngihlakaniphe kakhulu uma kuyiwa ekusayineni abadlali abasha.”