Ezintsha

Inkakha yePirates isola intuthu kuRiveiro noSaleng

USteve Lekoelea, oyinkakha ye-Orlando Pirates, usola ukungezwani kuleli qembu. 

Uthi usenezinsolo sokuthi kukhona okungahambi kahle phakathi kukaJose Riveiro, ongumqeqeshi noMonnapule Saleng.

ULekoelea ulumane indlebe neLisenethini mayelana noMonnapule Saleng osekhuhla ibhentshi kule sizini ekubeni ebeyiqhawe leqembu ngedlule.

“USaleng ubewuqala umdlalo ngesizini edlule kodwa kule sizini imidlalo eminingi uyidlala esuka ebhentshini,” kusho le nkakha yeBhakhaniya.

“Ngisola ukuthi kukhona okushaya amanzi phakathi kukaJose Riveiro noSaleng.

“Kodwa angiqondi kahle ukuthi ngabe kudalwe yini ngoba kade betholana kahle nje.”

ULekoelea uthe into emenza asole wukuthi naye wake wazithola esesimweni esifanayo esadlala kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

“Kuzomele bayikhulume lento yabo idlule ngoba ilimaza iqembu,” kuqhuba uChippa. 

“Lezi zinto ngiyazazi nami ngadlula kuzona kwi-Orlando Pirates ngesikhathi sikaKostadin Papic. 

“USaleng ubeyiqhawe le-Orlando Pirates ngesizini edlule lapho eshaye amagoli amqoka ngesikhathi inqoba iMTN8

“Nami ngagcina sengiqala ebhentshini ngagcina sengishiyile kwi-Orlando Pirates, ngajoyina iMaritzburg United,” kuchaza uLekoelea. 

Khonamanjalo, uSaleng njalo uma ngabe esengenile enkundleni, ufike ajike izinto, ashaye inoma akhande igoli.

Uzobe ebhekiwe nasekutheni akuphinde lokho uma iPirates seyibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup. 

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoba seMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

IPirates ibheke ukuqeda isizini nezindebe ezimbili njengoba ivele ineyeMTN8 ephaketheni kumanje. 

ISundowns yona ibheke esesithathu njengoba inese-African Football League neseDStv Premiership. 

Ukuthi kolalwa kugiywa eMamelodi noma eSoweto sekuyocaca ngalo usuku lomdlalo okuwuMgqibelo.