Ezintsha

Ayanda amaqembu agaqele owe-Orlando Pirates

Sekungene neqembu laseRomania okudlala kulo uSiyabonga Ngezana emaqenjini afuna umgadli we-Orlando Pirates.

Yize i-Orlando Pirates ingakasho ukuthi isezinhlelweni zokumdedela lo mgadli, kodwa kubukeka ingeke ikwazi ukuphebeza wonke lamaqembu amfunayo.

Bekusanda kuvela ukuthi lo mgadli, uTshegofatso Mabasa uhalelwa uRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns.

Kuthiwa lo mqeqeshi umbona engaba wukhiye wokuvula indlela eya kowamanqamu kwiCaf Champions League. 

Phela uMokwena unengcindezi yokunqoba lo mqhudelwano noma ke ukufika kowamanqamu okungenani. 

Nokho kubukeka iPirates ingaba manqika ukumdedelela iSundowns njengoba nayo iyodlala kuyo iChampions League ngesizini ezayo.

Kodwa cishe ingalingeka kwiFCSB yaseRomania njengoba izoyodlala kwi-Eufa Champions League ngesizini ezayo.

Izindaba zokuthi leli qembu lifuna lo mgadli we-Orlando Pirates ziqinisekiswe yimenenja yakhe, uGary Cassisa. 

“Ngimbonise ngokuthi anganaki izinto eziningi, aqhubeke nokushaya amagoli,” ucashunwe esho kanje kwiFARPost

“I-FSCB iyamfuna. Okwamanje kodwa akhona namanye amaqembu engiyakhulma nawo e-Europe. Kodwa okwamanje ngifuna ehlise umoya kuze kuphele isizini. 

“Okuhle wukuthi iPirates ivulelekile ukumdayisa ukuze kuvuleke isikhala sabadlali abasebancane ababheke ukungena eqenjini elikhulu.

“Nokho sizolinda kuphele isizini bese sibona senza njani. Besibheke ukuthi aye kwiSundowns ngoJanuwari.

“Kodwa lokho akwenzekanga. I-Orlando Pirates yasebenzisa umbandela, yayelula inkontileka yakhe.

“Kodwa konke sekoqedelwa kahle uma sekuphele isizini,” kusho le menenja.

Njengoba kulindeleke ukuthi uKermit Erasmus noZakhele Lepasa bashiye kwiPirates ngoJuni, kuzoba nzima ukuthi leli qembu lidedele noMabasa.