UHunt uphefumula ngengxabano kaRulani noSead
Uqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, useveze umbonoo wakhe ngokungaboni ngasolinye phakathi kwabaqeqeshi ababili beDStv Premiership uRulani Mokwena noSead Ramovic.
Laba baqeqeshi ababili abazwani nhlobo kanti kunoxhaxha lwezigameko ezishube ezenzeke phakathi kwabo kule sizini.
Le ngxabano kaRulani Mokwena noSead Ramovic zaqala emdlalweni weCarling Knockout ngo-Okthoba nyakenye.
I-TS Galaxy yawashisa iMamelodi Sundowns ijezi kulo mqhudelwano, iyishaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Kulowo mdlalo uBongani Zungu waphuma ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabuhlungu uBernard Parker owaphuka phehle umlenze.
Kuthe ngo-Ephreli kuhlangene la maqembu emdlalweni weDStv Premiership, u-Orebotse Mongae walimaza uZungu, wakhishwa ngekhadi elibomvu.
Ngemuva komdlalo uMokwena waveza ukuthi uzwile ukuthi uRamovic uthume abadlali bakhe ukuthi baphindiselele uParler kuZungu.
Imimoya beyiphakeme ngendlela engeyinhle emdlalweni walamaqembu ngeviki elidlule la kucishe kwabanjwana ngezihluthu.
Manje uGavin Hunt, ongomunye wabaqeqeshi abanamava kwiPSL, usenxuse e nhlangano ukuthi kube yiyo elamula le ngxabano.
“Uma uhamba uyokwenza izifundo zokuqeqesha, enye yezinto ofundiwa ngazo ukuziphatha.
“Kufanele kube nokuhloniphana. Akumele ingxabano yasemdlalweni iqhubeke nangaphandle kwenkundla,” kusho uHunt.
“Ngicabanga ukuthi iligi kumele ingenelele, kukhona okumele kwenzeke, awukwazi ukudedela izinto zihambe kanje.
“Kuzongcolisa igama lePSL, kuthuse nabaxhasi. Akubukeki sengathi kukhona ozogoba uphondo phakathi kwabo….
“Alikho iphutha ngokuxabana. Awudingi ukuxhawula uzakwenu (ngemuva komdlalo), kodwa kufanele kube nenhlonipho ngalezi zinto.
“Ngicabanga ukuthi badinga ukuyilungisa lento, kumele bake bahlale phansi uma bengakwazi. Angicabangi ukuthi kuzokwenzeka, seyiphumile esandleni lena. “Kunemithetho yokuziphatha ebholeni… Sonke siyazi ukuthi (uJose) Mourinho akamthandi nghlobo uPep (Guardiola)…
OLUNYE UDABA: IPirates isingenele umbango womgadli ophambili wePSL
“Kodwa bayakwazi ukuqhelelana ukuze kungagcini kunengxabano engenasidingo phakathi kwabo.”