IPirates isingenele umbango womgadli ophambili wePSL
Umgadli weStellenbosch FC u-Iqraam Rayners angase azithole esephindele eGauteng njengoba kuvela ukuthi i-Orlando Pirates yiyona ehamba phambili embangweni wokusayinwa kwakhe.
IKaizer Chiefs kuthiwa nayo izibhekile kulo mgadli osheshayo nonamava ekubhakuziseni inethi.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 uqokwe emikhakheni emine emiklomelweni yePSL ngemuva komkhankaso omuhle.
Akumangazi ukuthi uRayners udonse amehlo alezi zinkunzi zaseSoweto ngaphambi kwesizini ezayo.
Uke wadlala kwiSuperSport United phambilini, kepha izinto azimhambelanga ngendlela eyayilindelwe waze wagcina ebuyele kwiStellies.
Uqede isizini enamagoli angu-15 kwiDStv premiership, usale ngelilodwa kuTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates ozothatha umklomelo womshayimagoli ophambili.
Ngokubika kwePhakaaathi, iPirates ibheka umdlali ozovala isikhala esizovuleka uma sekuhamba umakadebona womgadli uKermit Erasmus.
Kulindeleke ukuthi u-Erasmus alishiye leli qembu ekupheleni kwale sizini.
URayners ucishe adlale ngendlela efanayo no-Erasmus futhi kulindeleke asebenzisane kahle noMabasa uma iPirates igcine imtholile.
OLUNYE UDABA: Usuthu lufuna ukuqinisa ngoke wagijima kwiChiefs
Phela neMamelodi Sundowns seyike yavela emaqenjini okuthiwa azibhekile kuRayners.